Imininingwane ngohlelo

UkungakhubekiIsampula

Unoffendable

USUKU 8 KWEZINGU- 10

“JOYINA IQEMBU”

NgokukaLuka 15, uJesu ulandisa indaba yendoda eyayinamadodana amabili futhi yabahlukaniselana ifa layo. Omncane kubafowabo ababili wasaphaza ifa lakhe ngalokho iBhayibheli elikuchaza ngokuthi “ukuphila ngobudlabha”. Yabanzima impilo wanquma ukubuyela ekhaya. Wayecabanga ukuthi uyise uzogcwala ukudumala, kodwa lapho efika, uyise wagijima waya kuye, wamanga, waqala ukwenza umcimbi wendodana yolahleko. Lapho umcimbi uqala, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi umfowabo omdala wayengajabule ngomcimbi wokubuya komfowabo omncane.

Nakuba sijabulile ngendodana ebilahlekile yaphinde yatholakala, ngicabanga ukuthi iyohlale ikhona ingxenye yethu ehlobene nomfowethu omdala obevele efuna ukubungazwa naye. Lokhu ubaba amtshela kona ephendula ukucasuka kwakhe yilokhu: ubengenza umcimbi noma nini lapho ethanda. Ukuthi abantu abakwenzeli iphathi ofuna bakwenzele yona akusho ukuthi unesizathu sokwenqaba ukuya emcimbini womunye umuntu.

Uma omunye umuntu ethola ukunakwa kwenkundla yezokuxhumana ngaphezu kwakho, joyina iqembu.

Uma omunye umuntu ethola ukunconywa okulangazelelayo, joyina iqembu.

Uma othile ethola okungcono, okuhle, nokusha kunawe, joyina iqembu.

Uma umuntu ethuthuka emsebenzini wakhe, hamba uye ephathini.

Uma umuntu ethola umaqondana phambi kwakho, hamba uye emcimbini.

Futhi angiqondile ukuthi, hamba uye ephathini ngokomzimba futhi ube kude ngokomzwelo. Kuyenzeka ukuba endaweni ethile futhi ungabi khona ngesikhathi esifanayo. Yiba khona emcimbini. Uma wenqaba ukubungaza abanye abantu kulokho abakuzuzile, uzoqala ukudangala futhi ucasuke lapho kufanele bagubhe kanye nawe.

Ubhuti omdala wavumela ukudangala kumlawule ukuba akholelwe ukuthi ubaba omuhle ungubaba omubi. Nasi isivumelwano. Noma ngabe ubunobaba omuhle, ubaba omubi, noma ungenababa—mxolele. Xolela abantu abakuzwise ubuhlungu empilweni yakho ngoba ukungakuyeki kuwushevu wekusasa lakho, hhayi owabo.

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Unoffendable

Icebo lesitha ukudala uqhekeko phakathi kwethu nabantu esibathanda kakhulu, icala elilodwa ngesikhathi. UkungaKhubeki kwuhlaka lwendlela uNkulunkulu angasebenzisa ngayo izinto ekuphileni ezisizwise ubuhlungu kakhulu, uku...

More

Sithanda ukubonga u-Ryan Leak (Covenant Church) ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.ryanleak.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo