Ukuba NguBaba uNkulunkulu Afuna Ube NguyeIsampula

Becoming The Father God Wants You To Be

USUKU 4 KWEZINGU- 5

 

Isibonelo Esilungile

Njengoba usebenzisa isu elilungile, lingisa uBaba wakho waseZulwini. Bonisa izingane zakho ukuthi ungubani uNkulunkulu ukuze zifune ukumazi njengawe

uNkulunkulu uluthando. Yebo, uyayala futhi ulindele ukulalela kubantwana Bakhe, kodwa futhi welulela isihe nomusa nokuthethelela ngokukhululekile. Ngisho nalapho ebayala abantwana Bakhe, ukwenza lokho ngombono waphakade, ngokubekezela nangothando.

Yenza okufanayo kubantwana bakho, futhi bayokuthola kulula ukuthembela kuNkulunkulu futhi bamenze uBaba wabo waseZulwini.

 

  • Ingabe izingane zakho ziyakwesaba noma zizizwa ziphephile uma zinawe?
  • Kwenza mehluko muni?
  • Ingabe uyaqiniseka ngentethelelo kaNkulunkulu uma wehluleka?
  • Ingabe izingane zakho ziyazethemba ngentethelelo yakho uma zehluleka na?
  • Ingabe izingane zakho uyazilaya ngezinhloso zikaNkulunkulu noma ngezakho engqondweni? Kwenza mehluko muni?
  • Ingabe indlela othanda ngayo abantwana bakho iyamkhazimulisa uNkulunkulu, noma iyabakhombisa ukuthi Ungubani?

 

Funda Kwabase-Efesu 5:1, 1 KaJohane 4:8, kanye 1 KwabaseKorinte 13:4-7. IzAga 23:26.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Becoming The Father God Wants You To Be

Abantwana bayisibusiso esivela eNkosini, kungakhathaliseki ukuthi izimo ezihambisana nokuzalwa kwabo zinjani (Amahubo 127:3).  Uma ungubaba, bonga uNkulunkulu ngakho futhi unqume njengamanje ukuthi uzoba yilokho uNkulunkulu afuna ube yikho ekuphileni kwabantwana bakho, umfanekiso obonakalayo, ophathekayo waKhe, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinqumo osuzenzile kuze kube manje.  Ukuba ngubaba oqotho ngempela akuyona indida njengoba ungase ucabange!   Okufanele ukwenze nje ukuthanda izingane zakho njengoba uBaba wakho waseZulwini ekuthanda.

More

Sithanda ukubonga i-Baptist General Convention of Oklahama ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.menrewired.com