Ukunqoba Ukwesaba, Ukukhathazeka, NokucindezelekaIsampula
Usuku 4: Ukwesaba abanye
ETestamenteni Elisha, sithola abanye abantu ababenenkinga yokwesaba abanye. Ngokwesibonelo, kwakukhona amakholwa angamaJuda ayeze kuKristu kodwa esaba ukutshela abanye ngokuguquka kwawo. Yile ndlela iTestamente Elisha elichaza ngayo inkinga yabo:
Nokho abaningi nakubabusi bakholwa nguye, kepha ngenxa yabaFarisi abavumanga, funa bakhishwe esinagogeni; ngoba bathanda ukulunga kwabantu kunokukaNkulunkulu.” — NgokukaJohane 12:42-43
Abanye babaholi benkolo bamaJuda base benokholo kuKristu. Babazi ukuthi WayenguMesiya, futhi babebone iqiniso lezisho zaKhe. Kodwa babenenkinga: Babazi ukuthi uma bevuma ukholo lwabo, babeyoxoshwa—babeyokhishwa esinagogeni. Ngiyaqiniseka ukuthi ungacabanga ukuthi isimo sabo sasinzima kangakanani. Isinagoge, kumJuda wasendulo, lalingafani nebandla lesimanje namuhla. Namuhla uma izinkolelo zethu zingqubuzana nezesonto lethu, singaqoqa kalula futhi siye kwenye indawo. Kodwa kwakungenjalo kubo. Babenesinagoge elilodwa, futhi babenesibopho sokulisekela. Konke ukuphila kwabo kwezenhlalo nezomnotho kwakuboshelwe ezinhlanganweni zeqembu. Uma bekhishwa esinagogeni, empeleni, babekhishwa kubo bonke ubuhlobo bezenhlalo nobubhizinisi ekuphileni kwabo.
Qaphelaa ukuthi u-Johane akasho ukuthi inkinga yabo kwakungeyokungazethembi noma ukuzizwa bengelutho. Cha, ukhomba inkinga yabo ngokuthi inkinga yothando. Yini ababeyithanda ukwedlula ukuvunyelwa uNkulunkulu? Ukuvunyelwa komuntu. Yini ababeyilangazelela ngaphezu kodumo olwaluyofika kubo oluvela kuNkulunkulu: “Kuhle, nceku enhle nethembekileyo”? Babekuthanda ukunconywa ontanga yabo. Eqinisweni, babekuthanda kakhulu kangangokuba badelela umyalo kaKristu wokufakaza Ngaye.
UKUZINDLA
Ingabe ukhona umuntu (noma iqembu labantu) ozithola ubasaba? Chitha isikhathi esithile uthandazela lowo muntu noma labo bantu, ucele uNkulunkulu ukuba akunike uthando olufana nolukaKristu kubo—uthando olungazikhathazi ngokuthi abanye basabela kanjani kuwe.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ukwesaba kuyimpendulo yethu kulokho esikubona njengengozi—kuhloselwe ukusiza ukusigcina siphephile. Kodwa ngezinye izikhathi, ukwesaba kungasilawula ngezindlela uNkulunkulu ayengazihlosile. Lezi zinkonzo zihamba nawe emBhalweni, lapho uNkulunkulu ekhuluma khona ngqo kulokho okwesabayo. Uma ucabanga ngempilo yakho siqu ngokukhanya kweZwi likaNkulunkulu, uyokhulisa ukholo kuYe njengomthombo wangempela wokuthula kanye nempendulo yakho konke ukwesaba kwakho.
More