Uguqulwe NgeqinisoIsampula

Transformed by Truth

USUKU 10 KWEZINGU- 12

Iqiniso Ngesilingo

Kungenzeka ukuthi kuthiwe, “UNkulunkulu ngeke akunike noma yini ongeke ukwazi ukuyiphatha.” Lesi sisho sivela evesini elitholakala encwadini 1 KwabaseKorinte. Ivesi lifundeka kanje, " UNkulunkulu uthembekile, ngeke avumele ulingwe ngokungaphezu kwamandla akho." Abantu bajwayele ukuthanda ukukhipha leli vesi engqikithini bese begijima nalo, benganaki ingxenye yesibili yevesi. Uma ubhekisisa kahle, uzobona ukuthi ingxenye elandelayo ifundeka kanje, “kodwa ngesilingo yena uzophinde anikeze indlela yokuphunyuka”. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akasoze akunika noma yini wena futhi angeke akwazi ukuyiphatha NGOKUNYE. Indlela yethu yokuphunyuka ekulingweni itholakala kuye! Akuyona into esiyithola ngamandla ethu. Ngakho-ke, singathola ithemba ngokwazi ukuthi sikhonza uNkulunkulu ongasishiyi ukuthi silwe izimpi zethu sodwa. Uyayazi indlela yokuphuma! Okufanele sikwenze ukuthembela kuye futhi simvumele asiqondise ekunqobeni.

Qaphela umugqa wokuqala 1 KwabaseKorinte 10:13 ofundeka kanje, “Asikho isilingo esinificile esingavamile kubantu.” Lokho kusho ukuthi awuwedwa emzabalazweni wakho! Khumbula ukuthi alikho ihlazo ekulingweni ngesono, noJesu uqobo walingwa ngesikhathi elapha emhlabeni. Ngesinye isikhathi uNkulunkulu uyasivumela ukuba silingwe ngezono ukuze sikhunjuzwe ngokumdinga kwethu. Okubalulekile akukhona lokho ulingwa ngakho, yindlela osabela ngayo ekulingweni. Ingabe uzodikibala, noma uzofela ngaphakathi kanye nezifiso zakho zenyama bese ukhetha ukwenza izinto ngendlela kaNkulunkulu?

Inselelo: Funda indaba kaJesu elingwa kuMathewu 4:1-11. Qaphela indlela uJesu asebenzisa ngayo umbhalo ukuze alwe nesilingo. Cabanga ukuthi imaphi amavesi ongabambelela kuwo lapho ulingwa.

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Transformed by Truth

Elinye lamaqhinga kaSathane amakhulu ukwenza abantu bazizwe bebodwa ekungabazeni, ekwesabeni nasezilingweni zabo. Lokhu kuzinikela kugqamisa iqiniso mayelana nezindawo ezivamile phakathi kohambo lobuKristu abesifazane abasebasha abangase babhekane nazo. Ezinsukwini ezingu-12, uzofunda ukubona amanga uSathane akutshela wona futhi wazi iqiniso elitholakala kuKristu. Ungase uthole nokuthi awuwedwa emizabalazweni yakho njengoba ucabanga ukuthi uwedwa.

More

Sithanda ukubonga i-Daily Truth Devotional ngokusihlinzeka loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://karajoyblog.wordpress.com/introduction/