Imininingwane ngohlelo

Ukunqoba Impi YokukhathazekaIsampula

Winning the War on Worry

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ukukhathazeka KunguMqambimanga

Lolu hambo Lwezinsuku Ezingu-7 LwemiBhalo Nokuzindla luklanyelwe ukukunikeza amathuluzi angokoqobo asekelwe eqinisweni lemiBhalo ukuze akusize unqobe impi yokukhathazeka engqondweni yakho. Ake siqale manje ngokuhlonza ukuthi yini ekugcina ungalali ebusuku. Yimiphi imicabango ejikelezayo engqondweni yakho lapho uzama ukulala? Ezezimali? Ubudlelwane? Umsebenzi? Bhala phansi le micabango lapha, futhi sizophinde siyivakashele ngesonto elizayo njengoba sifunda ukufaka amaqiniso eBhayibheli esikhundleni sayo.

Ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; noma ngomzimba wenu, ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunezingubo? Bhekani izinyoni zezulu; azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni, kepha nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo na? ...Ngakho ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ikusasa liyakuzihlupha ngokwalo.” NgokukaMathewu 6:25-26, 34

Umsuka wokukhathazeka ukwesaba. Futhi ukwesaba akuveli kuNkulunkulu. Ngakho, enhliziyweni yokukhathazeka kunesitha. Futhi umBhalo ucacile - udeveli ungumqambimanga (inkomba yombhalo). Qhubeka umemezela amanga okuthi ukukhathazeka kuyakhuluma futhi uqhubeke unikela lawo manga kuNkulunkulu, esikhundleni sawo ufake amaqiniso eZwi laKhe. Ezinkingeni ozibhale phansi ngaphambilini - yimaphi amanga isitha esifuna uwakholwe? Ungawasebenzisa kanjani amavesi akuMathewu ukuze esikhundleni salawomanga ufake iqiniso?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Winning the War on Worry

Lokhu kuzinikela okuyisikhombisa kwansuku zonke kusekelwe encwadini kaLouie Giglio, Ukunqoba Impi Yokukhathazeka: Hlakulela Inhliziyo Enokuthula Nomqondo Ozethembayo. uNkulunkulu mkhulu kunokwesaba kanye nabazala bakho -...

More

Sithanda ukubonga uHarperCollins/Zondervan/Thomas Nelson ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://louiegiglio.com/book/winning-the-war-on-worry/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo