Ukungesabi: Uhambo lwamaViki ayiSithupha Isampula

Fearless: A Six-Week Journey

USUKU 30 KWEZINGU- 88

IVIKI 3: O NKOSI, NGIBUTHAKATHAKA

AMANZI EZWI LAKHE
Funda iHubo 103.

Uthini umhubi ngothando lukaNkulunkulu nokuqonda kwakho? Duduzeka uma ungazi ukuthi kufanele uyilandele kanjani iNkosi. Qiniseka ngobuthakathaka bakho kanye nokungakwazi! Ebuthakathakeni bakho nasekungakwazini kwakho uzobambelela kuJesu kakhulu! UJesu wazenza ize, azi ukuthi wayezelwe efuze abantu. Wazehlisa. Zithobe. Landela isibonelo sikaKristu futhi ucele umusa nosizo lukaNkulunkulu.

HAMBA NGEQINISO
Cela uNkulunkulu akuphe umusa ngisho nokucela usizo. Bese umcela ukuthi akubonise indlela yokuMlandela. Ngokuvamile, lapho sicabanga ukuthi siyakwazi esikwenzayo, silahlekelwa indlela yethu. Funda iHubo 103 futhi. Ufundani ngoNkulunkulu, isimo Sakhe, inhliziyo Yakhe yomelusi? Khetha into eyodwa ngoNkulunkulu nangesimo Sakhe ongabambelela kukho namuhla futhi ukusebenzise ngesikhathi sakho sokukhuleka.

GXILISA AMEHLO ENHLIZIYO YAKHO
Yisho kuwe ngokuthula amavesi anamuhla okugxiliswe kuwo. Afihle enhliziyweni yakho, uzindle ngawo, ukwenze umkhuleko wakho usuku lonke.

NgoMathewu 5:3-5
Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.
Usuku 29Usuku 31

Mayelana naloluHlelo

Fearless: A Six-Week Journey

Funda ukuthi ungadlulela kanjani ngale kokwesaba okukuphethe futhi kukubuyisele emuva okholweni lwakho futhi ujabulele impilo entsha yenkululeko, yokungesabi, nempumelelo empilweni yakho kanye nobufakazi! Ilungele omama abamatasa, abesifazane abangashadile, nabafundi basekolishi. Umkhuleko ovela eThistlebend Ministries.

More

Sithanda ukubonga i-Thistlebend Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.thistlebend.org/lookingahead/