Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 45 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

UDavide wasola ababusi ngokungabi nabulungiswa nobudlova futhi wabonisa ukuthi uthembele ekuqinisekeni kwesahlulelo sikaNkulunkulu.

Kusho ukuthini na?

UDavide wasebenzisa izithombe ezishaqisayo ukuze achaze ukucasuka kwakhe ngokungalungi ayekubona kubabusi bakwa-Israyeli. Nokho kwakungezona iziphambeko kuye ngokwakhe ezabangela uDavide ukuba abize impindiselo kaNkulunkulu; kwakuyizono zabo kuNkulunkulu ongcwele ka-Israyeli. UDavide wayethukuthelele izinto ezifanele - ububi nenkohlakalo. Wayazi kahle ukuthi ngolunye usuku uNkulunkulu wayeyokwahlulela ababi, kodwa wayelangazelela ukuba ukulunga kukaNkulunkulu kubuse phezu kwesizwe sakhe phakathi nesikhathi sakhe eMhlabeni.

Ngiphendule kanjani na?

Yini ekucasulayo? Sivame ukuvutha ngenxa yezindaba ezincane ezisiphatha kabi thina mathupha kuyilapho sithula ezintweni ezicasula kakhulu uJehova. Ungamelana kanjani nobubi emphakathini wakini nasesizweni sonke? Cabangela ukujoyina iqembu elenza umehluko, njengokuvolontiya esikhungweni sangakini sabanezinkinga ngokukhulelwa noma isahluko esithi Omama abamelene Nokushayela Uphuzile. Ngena emihlanganweni yomphakathi lapho ongakhuluma khona ngokumelene nemithetho ephikisana nokufundiswa kwebhayibheli. Ungahlali nje futhi wamukele ukuthi umhlaba wethu uhambela phansi; thukuthelela izinto ezifanele bese uyakhuluma!

Usuku 44Usuku 46

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org