AmaHubo 58:1-11

AmaHubo 58:1-11 ZUL59

Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na? Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu. Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo, lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha. Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile. Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha. Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”