AmaHubo 58:1-11
AmaHubo 58:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na? Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu. Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo, lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha. Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova! Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile. Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga. Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha. Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi, abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”
AmaHubo 58:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, u-Altashiti, uMiktamu van Davide. Ingabe ngempela uyakhuluma ubulungisa, bandla? nahlulela kahle nina madodana abantu na? Yebo, enhliziyweni wenza okubi; ulinganisa ubudlova bezandla zakho emhlabeni. Ababi bahlukanisiwe kwasesiswini; bayaduka ekuzalweni kwabo, bakhulume amanga. Ubuhlungu babo bunjengobuhlungu benyoka; abangalilaleli izwi labathakathi, abangakaze balumbi ngokuhlakanipha. Nkulunkulu, phula amazinyo abo emlonyeni wabo, Jehova, weqa amazinyo amakhulu amabhongo ezingonyama. Mabancibilike njengamanzi agelezayo; lapho ewunsala umnsalo wakhe ukucibishela imicibisholo yakhe, mayinqunywe njengezicucu. Njengomnenke oncibilika, yilowo nalowo makadlule njengokuzala kowesifazane, ukuze bangaliboni ilanga. Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo. Olungileyo uyakuthokoza lapho ebona impindiselo; uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi. Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.
AmaHubo 58:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na? Qha, ingani ezinhliziyweni niphehla imisebenzi yokungalungi, ezweni nikala ngendluzula evela ezandleni zenu. Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini. Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka, banjengemamba edlebelekile, esivale amadlebe ukuze ingalizwa izwi labalumbi abalumba ngobuchule. Nkulunkulu, yephula amazinyo abo emilonyeni yabo. Simakade, phohloza amazinyo emihlathi yamabhongo ezingonyama. Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile. Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga. Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha. Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi, abantu baze bathi