Indumiso: Isifundo kumaHuboIsampula

Worship: A Study in Psalms

USUKU 105 KWEZINGU- 106

Kuthini na?

Umhubi wayeyodumisa futhi amethembe uJehova ukuphila kwakhe konke ngoba ukwethembeka kwakhe kuhlezi. Wabekela u-Israyeli inselele ukuba adumise uNkulunkulu ngemithetho neZwi lakhe elambuliwe.

Kusho ukuthini na?

Kucatshangwa ukuthi amahubo okugcina amahlanu alotshwa lapho ithempeli lesibili seliqediwe futhi izindonga zaseJerusalema sezakhiwe kabusha. Leyo yincazelo efanelekayo yokuthi kungani la mahubo eqala ngamagama amathathu anembile: “Makabongwe uJehova.” Ngesikhathi sokuthunjwa nokubuya kuka-Israyeli umbhali wayesefundile ukubeka ithemba lakhe kuNkulunkulu esikhundleni sokuba kubantu. UMdali weZulu nomhlaba kuphela osekela abahluphekayo, ophakamisa abathobekileyo, ophulukisa abanenhliziyo eyaphukileyo. Akasoze ahluleka ngalabo ukuthembela kwabo kukuYe. U-Israyeli wayenesizathu esikhethekile sokudumisa uJehova, asikho esinye isizwe esambulelwa ukuhlakanipha nobuntu bukaNkulunkulu ngemithetho nezimiso Zakhe, kwakufanelekile ukumdumisa.

Ngiphendule kanjani na?

Iziphi izinselelo obhekene nazo njengamanje? Uthembe bani ngezimpendulo? UNkulunkulu angethenjwa ukuthi uzokunikeza lokho okudingayo lapho uchitha isikhathi eZwini lakhe nasemthandazweni. Uma ukhathazekile, ungaphendukela kuYe ukuze uthole ukuthula. Uma unesizungu, ungaphendukela Kuye ukuze uthole ubungani. Uma inhliziyo yakho idabukile, ungaphendukela kuye ukuze uthole ukuphulukiswa. Uma uzizwa ungenamandla, ungaphendukela Kuye ukuze uthole amandla. Ungambonga futhi umdumise zingakafiki izimpendulo ngoba uNkulunkulu uthembekile kuze kube phakade kulabo abakhetha ukuthembela Kuye.

Usuku 104Usuku 106

Mayelana naloluHlelo

Worship: A Study in Psalms

Amahubo ayiqoqo lezinkondlo nezingoma ezabhalwa eminyakeni engu-1,000. Nakuba iHubo liqukethe izindumiso zenjabulo nezililo ezidabukisayo, yonke incwadi ifakazela uthando oluqotho lukaNkulunkulu kubantu baKhe kuzo zonke izimo. Njengengxenye eyinhloko yokudumisa yeTestamente Elidala, wonke amahubo alindele uvuthondaba lokudumisa kukaNkulunkulu ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu.

More

Sithanda ukubonga i-Thomas Road Baptist Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.trbc.org