Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 2 KWEZINGU- 14

UKUZALWA KABUSHA

Izenzo 4:12

“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

Kumele ukuba siqonde ukuthi insindiso iza ngoJesu Kristu kuphela. Yena uthe encwadini kaJohane 10:10 isela kalizi kungengokweba, ukubulala kanye nokubhubisa kodwa Yena ukuba asinike ukuphila ukuphila okuchichimayo.

Angeke size sisindiswe imisebenzi elungile noma ukuya enkonzweni! Kumele ungene kubudlelwano obuphilayo noJesu Kristu. UNikodemu wayengumuFarisi ofundile kakhulu kodwa, yize kunjalo akazange “awubone uMbuso kaNkulunkulu” noma aqonde izinto zikamoya.

NgokukaJohane 3:3-5 “UJesu waphendula, wathi kuye: ‘Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.” UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?” Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.

Ngalokhu okushiwo nguJesu (kuJohane3), iziphi izinto ezimbili okudingakala ukuba zenzeke ukuze umuntu abone Umbuso kaNkulunkulu?

Ubufakazi

Ngangifana kakhulu njengoNikodemu futhi ngangize ngibe ngusihlalo womubutho wabafundi abangamaKristu esikoleni, kodwa yize kunjalo ngangingamazi uNkulunkulu. Ngathola ukuba ngizalwe kabusha ngemuva kokuba sengihlangene nothisha owayenobudlelwano obuphilile noKristu. Mhlaka 4 kuApril 1989 ngamtshela lokhu:

“LoJesu nengimulandelayo naloJesu omaziyo wena kanye omulandelayo abafani. Owami uJesu yilona engizakhele yena, kodwa ngiyacela ukuba wethule uJesu wakho kimi – lona wangempela noweqiniso. Kukhona izidingonqangi ezimbili ukuze thina sizalwe kabusha.

KwabaseRoma 10:9-13

“Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;10ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube gukusindiswa.11Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”12Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki, lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,13ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

Izidingo ilezi:

  • Vuma ngomulomo wakho ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi
  • Kholwa ngenhliziyo yakho ukuthi uNkulunkulu wamuvusa uJesu kwabafileyo.

Isethembiso esisithola kwabaseRoma 10:13 esithi “nanoma ngubani obiza igama leNkosi uNkulunkulu uyakusindiswa. uNkulunkulu ungumoya. Uma uzalwa kabusha, kumele ufunde ukuxhumana noNkulunkulu ukumoya nsukuzonke kanye nokuba nobudlelwane Naye. Senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kantike umoya wakho wenziwe waba ngophilayo Kuye.

Umuntu uqukethe izingxenye ezintathu - Ingabe iziphi lezo?

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo