Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 13 KWEZINGU- 14

Ukuba nesikhathi sokuthula noNkulunkulu

NgokukaLuka 5:16

Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.

Ukuxhumana kuyingxenye ebalulekile kakhulu kunoma ubuphi ubudlelwano. Sidinga ukuba nesikhathi esikhethekile omunye nomunye ukuze sizokwazi ukugcina ubudlelwano bethu sikhule kahle nakubo. Siphila kumphakathi lapho zonke izinto senziwa ngokushesha kuphuthunywa. Usathane uyathanda ukusigcina simatasatasa futhi esikhathi esiningi usebenzisa khona ukuba matasatasa kwethu noma imithombo yezindaba ukusigcina sikude komunye nomunye kanye nakuMenzi wethu.

UNkulunkulu ufuna thina ukuba sikwazi ukuzwa iphimbo lakhe futhi sihambe kwisambulo sokumazi ukuthi ungubani Yena nokuthi intando Yakhe ngathi ithini. Izwi lisifundisa ukuba simucele uNkulunkulu isinkwa sethu semihla ngemihla. Siyakudinga ukondliwa ngokukamoya nsuku zonke yingakhoke sidinga indawo ladpho singahlala khona ezinyaweni zikaJesu nokuyilapho sizokuthola khona umkhobandlela, ukuthula, Amandla kanye nokukhuthazeka okuvela eZwini likaNkulunkulu.

Imibuzo yokubuyekeza (bhala izimpendulo zakhe kwijenali):

Ingabe ukuba nesikhathi sokuthula noNkulunkulu kufakani kukho?

1) Ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu

2) Umthandazo kanye nendumiso

Nasi isibonelo songakwenza lapho unesikhathi sokuthula noNkulunkulu

1) Funda IBhayibheli (amaminithi angu 30)

Qonda ukuthi UMoya Ongcwele ukhona bese umucela ukuba akwambulele (iminithi eli 1)

Funda isahluko kwiThestamente Elidala neLisha (amaminithi angu 15)

Zindla bese ucabanga ngalokho osukufundile (amaminithi ayisi 5)

Khuluma noNkulunkulu ukuthi ngabe lokho kusho ukuthini kuwe bese umubuza Yena noma ngumuphi umubuzo (amaminithi ayisi 5)

Yenza indlela yokukhumbula ivesi elingukhiye (amaminithi a 4)

2) Umthandazo (amaminithi angu 30)

Khumbula: Umthandazo uyingxoxo phakathi kwabantu ababili.

Qala udumise uphinde ubonge uNkulunkulu (amaminithi a 4).

Dalula ukuthi impilo yakho ingekaNkulunkulu (amaminithi ama 2).

Phenduka esonweni bese ucela intethelelo yazo zonke izono ezisempilweni yakho (amaminithi ama 3).

Qonda umsebenzi kaMoya Ongcwele empilweni yakho (iminithi eli 1).

Khuluma noNkulunkulu umtshele iqiniso ngokuthi usuku lwakho belunjani, imizwa yakho, ukwesaba kwakho, kanye nezinto othanda ukuzenza njalonjalo. (amaminithi ayi 9).

Thandazela izidingo zabanye kanye nalabo abangasindisiwe (amaminithi ayi 6).

Letha noma iziphi ezidingo eziqondene nawe phambi kukaNkulunkulu (amaminithi a 4).

Bonga uNkulunkulu ngomthandazo osuphenduliwe (iminithi eli 1)

Khumbula:

· Khetha indawo ethule lapho ungeke uthikamezeke khona noma kubekhona okokuthiyayo

· Hlela isikhathi esithile noNkulunkulu nsukuzonke bese uziqokela umzalwane ozomtshele ukuze akukhuze uma usuchezuka kozinqumele kona

· Ungakwenzi kube wumgomo wenkolo – vuleleka uma kuba khona ushintsho

· Yazi ukuthi kuzobakhona ezinye ezikhathi lapho uzozizwela uNkulunkulu ngokumangalisayo kanti futhi zizokubakhona ezinye lapho ungeke lutho olutheni. Lendaba ayiyi ngemizwa, ngokuzwayo kodwa, ngokukholwa nangokwethembeka.

Ake uchaze izinto ezimbalwaezikuthiyayozikwenze ungabi ungakwazi ukuba nesikhathi sokuthula nje kanye noNkulunkulu

Isenzo:

Manjeke ake ulandele lezizitembisi esizibalile ngenhla bese uba nesikhathi unoNkulunkulu. Sebenzisa incwadi kaMathewu 13: 1-24 njengoMbhalo Ongcwele ukuzindla ngawo. Bhala amanothi kwijenali mayelana nokuthi IZwi likaNkulunkulu lingasetshenziswa kanjani empilweni yakho lapho ucabanga ngezinhlobo zomhlabathi okuchazwe ngawo kulomzekeliso.

Usuku 12Usuku 14

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/