Ihubo LaseZulwini: Izinsuku Ezingu-12 Zokuthandaza NoPhil WickhamIsampula

Hymn of Heaven: A 12 Day Devotional With Phil Wickham

USUKU 4 KWEZINGU- 12

Kuhlale Kunguwe

Isiqephu:NgokukaJohane 4:1-42

Le ngoma iqhamukile nje. Izingoma eziningi zithatha amahora/izinsuku/izinyanga ukuthi ngiziqede. Lokhu kwakubonakala kuphuma enhliziyweni yezulu. Ngiculela uNkulunkulu kuleli culo, kodwa njalo uma ngilicula, kuba sengathi ulicula phezu kwami. Ungumngani othembekile. Kubaluleke kakhulu ukuba sikhumbule lokho asenzele khona futhi sikuvumele kusenze simethembe.

Kunendaba enamandla kuJohane 4 lapho ithi uJesu “kwadingeka adabule eSamariya.” Okujabulisayo ngale nkulumo ukuthi awenzi umqondo wendawo. ISamariya empeleni seliphumile endleleni. Akunamqondo futhi ebantwini, njengoba amaJuda ayengazihlanganisi namaSamariya. Nokho uJesu wayengeke avinjwe ukuya kuleli dolobha. Kulapho ahlangana khona nowesifazane ephuma ukuyokha amanzi emini bebade. Lapho uJesu ehlangana naye, ingxoxo yasuka kuJesu edinga ukuphuziswa amanzi yaya kuJesu ekhomba Yena njengo wayomile ngempela. “Bonke abaphuza lawa manzi bophinde bome, kodwa lowo ophuza amanzi engimnika wona ngeke ome naphakade. Ngempela, amanzi engibanika wona ayoba phakathi kwabo umthombo wamanzi ogobhoza ekuphileni okuphakade.” ( NgokukaJohane 4:13-14) Yebo!

Indaba isaqhubeka, isitshela ukuthi lo wesifazane ubethandana nabantu abaningi, okungenzeka ukuthi kuyisizathu ekha amanzi njengoba lishisa emini. Kulelo siko, amadoda kuphela ayenelungelo elingokomthetho lokudivosa, okusho ukuthi singacabanga nje ubuhlungu, ukuphikiswa, nokuhlukunyezwa ayedlule kukho. Kodwa wabe esehlangana noJesu. Akugcinanga ngokushintsha yena yedwa, kodwa idolobha lonke lashintsha. Ngiyayithanda le ndaba ngoba ibonisa indlela uJesu amkhathalela ngayo “lowo.” Olahliwe. Abangafaneleki. Uyasikhathalela, futhi UyiNkosi ethatha izindlela zokusihlangabeza lapho sikhona—futhi asibonise ukuthi uyilokhu ebesikomele isikhathi eside. Iqiniso liwukuthi, akunandaba ukuthi besingakwazi ukucula ngobuqotho kangakanani, “Bekuhlale Kunguwe,” Uyohlale enguye olicula kakhulu phezu kwethu.

Nansi imibuzo embalwa ongabambana nayo:

1. Yiziphi izindawo empilweni yakho ozifihlele uNkulunkulu noma kwabanye lapho uJesu efuna ukukuhlangabeza ngamanzi aphilayo?

2. Uma usuzwile ubunjalo obujulile bothando Lwakhe, ubani ongamtshela?

3. Ungakhonza kanjani ngomqondo ovuselelwe wokubonga ngesenzo sokuhlengwa somusa kaNkulunkulu empilweni yakho?

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Hymn of Heaven: A 12 Day Devotional With Phil Wickham

Siyakwamukela ochungechungeni lwenkonzo lwe-Hym of Heaven. Ukufunda kwansuku zonke okuhambisana neculo elihlukile le-albhamu yami, Ihubo Lezulu. Lezi zingoma zibhalelwe ukukhuthaza ukukhuleka ezinhliziyweni zabalaleli, futhi ngithandazela ukuthi lolu chungechunge lwenze okufanayo njengoba ufunda. Ngibonga kakhulu kumngani wami nomfundisi, u-Benji Horning, ngokungisiza ukuba ngiphilise le micabango. Sithandazela ukuthi ubusiseke!

More

Sithanda ukubonga i-Fair Trade Services & Phil Wickham ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://philwickham.com/