Uke Uzibuze ukuthi Kungani? Isampula

Ever Wonder Why?

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Uke Uzibuze Ukuthi Kungani Unkulunkulu Onothando Engadala Isihogo?  

Umbuzo wanamuhla ungomunye wemibuzo evame kakhulu kumaKristu nabangewona amaKristu, futhi nakuba unzima, uyingxenye eyinhloko yezindaba ezinhle.  

Kodwa ngaphambi kokuthi sijule ekutheni kungani uNkulunkulu onothando edala isihogo, ake sicabangele eminye imibuzo.  

  • Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu bungaba khona ngaphandle kobulungiswa Bakhe? 
  • Ingabe ukukhetha kungaba khona ngaphandle kwemiphumela?  

Leyo ingase ibonakale njengemibuzo edidayo nakakhulu, kodwa ake siyihlole kancane. Abaningi bethu bakholelwa ukuthi uma othile elimaza omunye umuntu, kufanele kube nemiphumela—enye indlela yokusho ukuthi kufanele kube nobulungiswa. Nokho ngezinye izikhathi silingeka ukuba sikholwe ukuthi uNkulunkulu unothando ngaphandle kokuvuma ukuthi ulungile. 

Kodwa eyodwa ngeke ibe khona ngaphandle komunye.  

Unkulunkulu ungcwele, ungcwele futhi uphelele ngazo zonke izindlela. Futhi ngenxa yokuthi ungcwele, akanakuzungezwa isono noma ukungapheleli, okuyizindaba ezimbi njengoba sonke sonile. Nokho uNkulunkulu unothando futhi ulungile, ngakho Wasenzela indlela entsha. Ujesu wanelisa isifiso sikaNkulunkulu sokulunga kuyilapho ebonisa uthando lwakhe olukhulu ngathi.  

Ngenxa yokuthi uJesu waphila impilo ephelele futhi wafa esiphambanweni ngenxa yezono zethu, singenziwa abalungile noNkulunkulu. Uma sikhetha ukulandela uJesu, uNkulunkulu akabe esabona isono sethu—ubona iNdodana Yakhe.  

Futhi lokho kudala enye ingxenye ebalulekile yezindaba ezinhle—ukukhetha. Unkulunkulu usinika sonke ithuba lokuzikhethela ukuthi sizomthanda yini futhi simlandele noma simlahle futhi sihambe ngendlela yethu. Unkulunkulu akasiphoqi ukuba simthande, futhi akasenzi simkhethe.  

Lokho kukhetha kusho ukuthi kumele kube nokunye ukukhetha kubantu abangafuni ukwamukela isimemo sikaNkulunkulu sensindiso. Uma uNkulunkulu ubengasusa imiphumela yokuzikhethela—ukuchitha ingunaphakade Naye noma ukuchitha ingunaphakade ngaphandle Kwakhe—ubezophinde asuse ubuqiniso bokuzikhethela. 

Eqinisweni, uma umuntu engafuni ukwamukela uJesu, kufanele kube nenye indlela engeyakhe, noma abakhongempelaukukhetha kuloludaba Futhi leso ngesinye sezizathu esenza ukuba isihogo sibe khona—ukuhlonipha ukukhetha kwalabo abangayamukeli insindiso ngoKristu nokubhekana nabo ngokulunga. 

Esinye isizathu sihlobene nobulungiswa bukaNkulunkulu. IsAmbulo 20:10 sisitshela ukuthi isihogo sikhona ukuze uNkulunkulu asebenze ngokulunga noSathane. Umsebenzi kaSathane uwukweba, ukubulala, nokubhubhisa wonke umuntu nakho konke okuthandwa uNkulunkulu. Ngakho-ke ebulungisewni Bakhe, uNkulunkulu wadala isihogo ukuze ekugcineni abhekane noSathane unomphela.  

Ukubuyela kithi, njengoba kungekho muntu olungile, ohlanzekile, futhi ongcwele ngokwethu, siyamdinga uJesu. Othandweni Lwakhe olujulile ngathi, uBaba wethu welula ithuba lokuthi wonke umuntu achithe ingunaphakade Naye ngokukholwa kuJesu. Futhi uma samukela leso simemo futhi sinikela ngezimpilo zethu Kuye, ubumsulwa Bakhe obusembozayo futhi businike ukuba siphile ebukhoneni Bakhe obuhle ingunaphakade.

Khuleka: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuba nothando kanye nokulunga. Kulomhlaba, sinenkathazo, kodwa ngelinye ilanga, Uyolungisa konke ukungalungi, futhi ngiyaKudumisa ngalokho. Siyabonga ngesipho sensindiso ngoJesu. Vula kimi intshiseko yokutshela abantu abaningi ngayo. Ngegama likaJesu, ameni.  

Inselelo: Ukwazi ngobuqiniso besihogo kukwazisa kanjani umbono ngezindaba ezinhle? Ungabelana kanjani ngalezo zindaba nabantu abaningi empilweni yakho?

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Ever Wonder Why?

Kuthiwani uma ukholo luluncane mayelana nokwazi zonke izimpendulo ezifanele futhi kube mayelana nokubuza imibuzo enzima? Uma uke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ebonakala engenabulungiswa, kungani engayiphenduli njalo imithandazo yethu ngendlela esiyilindele, noma kungani uNkulunkulu onothando engadala isihogo, lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nencwadi ethi Ever Wonder Why kaMfundisi uCraig Groeschel? uchungechunge, lungo lwakho.

More

Sithanda ukubonga iLife.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.life.church