Okune Okokugcina okuvela ku-Craig GroeschelIsampula

The Last Four from Craig Groeschel

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Uma wenza into emangalisayo, kungaba lula kakhulu ukuthatha lonke ikhredithi. Wenze wonke umsebenzi, ngakho kungani ungazithokozisi ngedumiso? Iqiniso liwukuthi, singenza umsebenzi omkhulu, kodwa umgomo wethu omkhulu uwukubuyisela inkazimulo kuNkulunkulu osibonisa uthando nokwethembeka okungapheli. Namuhla, sizwa uMfundisi uCraig ekhuluma ngobunzima bakhe bokwazi ukuthi kufanele sibonge nini futhi simkhazimulise nini uNkulunkulu .

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

The Last Four from Craig Groeschel

Wake wafuna ukungena ngaphakathi engqondweni yomfundisi? Hhayi-ke, nali ithuba lakho! Umsunguli nomfundisi omkhulu weLife.Church, uCraig Groeschel, usinikeza ukubheka kwangaphakathi umsebenzi wakhe wansuku zonke njengoba efunda amavesi amane okugcina awaqokomisa eBhayibhelini lakhe. Vumela ingqondo yakho ivuselelwe njengoba ufunda lemiBhalo kanye naye, futhi uthole ukuthi kungani ekhethe ukuyiqokomisa kwasekuqaleni.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://craiggroeschel.com/