Izindaba Ezinhle NgesilingoIsampula

The Good News About Temptation

USUKU 3 KWEZINGU- 3

Iqiniso #3: Sinendlela Yokuphuma

Ukubhekana nesilingo kungase kukhathaze futhi kukhungathekise njengokuzama ukuthola indlela yokuphuma yegudane, uhlelo oluyinkimbinkimbi lwamaphaseji axhunyiwe, okuhlanganisa izindawo eziningi ezifile, okumele umuntu azulazule kuzo ukuze athole indlela yokuphuma.

UPawulu waphetha isikhuthazo sakhe kwabaseKorinte ngokuthi, “Kodwa lapho nilingwa, uyoninika indlela yokuphuma ukuze nikukhuthazelele.” (1 KwabaseKorinte 10:13)

Izindaba ezinhle ukuthi sinendlela yokuphuma ezilingweni zethu!

Kudingeka sazi ukuthi uNkulunkulu ubona uvivinyo lwethu lwezilingo ngeso lenyoni, futhi ngaphezu kokwazi nje ukuthi ikuphi ukuphuma, ufuna ukusibamba ngesandla asikhiphe kuso. Isiqondiso sakhe singaba lula njengokusenza sisole ngokubuka uchungechunge oluthile lwethelevishini, ukusiqhweba ukuze sibambe ulimi lwethu engxoxweni eshisayo, ngisho nokusikhuthaza ukuba sibaleke enkingeni njengoba kwenza uJosefa lapho eyengwa umkaPothifa.

UNkulunkulu akathokozi neze ngokusibona siphushelwa ekhoneni ngesilingo. Inhliziyo yakhe iwukuba siphile ngokukhululeka esonweni, ngakho uthembisa ukusinika indlela yokuphuma ngaso sonke isikhathi lapho silingwa, sidinga nje ukuzimisela ukuzithoba ekuholeni Kwakhe.

Ngakho-ke ngesikhathi esizayo lapho ulingeka, khumbula izindaba ezinhle: 

1. Awuwedwa.

2. Ungasho uthi cha.

3. UNkulunkulu uzokwenzela indlela yokuphuma.

Umthandazo:

Nkulunkulu ngiyabonga ukuthi angikaze ngibhekane nesilingo ngedwa, uwena ongibamba ngesandla ungikhipha engozini. Ameni

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

The Good News About Temptation

Ungase ungakukholwa, kodwa empeleni kukhona izindaba ezinhle mayelana nesilingo. Le nkonzo elula yezinsuku ezintathu ikhipha umbhalo owodwa onamaqiniso athile aduduzayo ukukusiza ukuthi udlule esilingweni.

More

Sithanda ukubonga i-Journey Church SA ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngelinye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.journeychurch.co.za/