Isimilo SokuziqeqeshaIsampula

Character Practice

USUKU 4 KWEZINGU- 6

Zijwayeze Ukwethembeka Ngezenzo Zakho

Kulungile, izolo ufunde mayelana nokubonisa isimilo ngokwethembeka kulokho okushoyo. Ubuwazi ukuthi nawe ungathembeka kokwenzayo, futhi? 

Yebo, ungakwazi! Kwaziwa ngokuthi ubuqotho. Ukulandela ngokwenza lokho othe uzokwenza. Ukwenza okulungile—ngisho nalapho kungekho muntu okubhekile. 

UJosefa waseBhayibhelini (hhayi uJosefa uyise kaJesu, kodwa uJosefa wangaphambili) wayeyindoda eqotho. Wayethembekile kulokho ayekusho. Futhi walandela okulungile nendlela ayethe uzophila ngayo ngisho nalapho kunzima ukukwenza.

Bukela le vidiyo ukuze uthole isibonelo esihle sobuqotho bukaJosefa. 

UJosefa wahamba ngobuqotho. Wayengeke enze okubi ngoba wayazi ukuthi uNkulunkulu wayengeke ajabule. UJosefa waqonda ukuthi wayengasebenzeli abantu nokuvunyelwa kwabo. Wayesebenzela uNkulunkulu. Leyo yindlela eyodwa emangalisayo yokuphila ngobuqotho. Kungase kube nezikhathi lapho kungekho muntu obukelayo, kodwa uNkulunkulu uhlala njalo.

Zibuze: Uma kungekho muntu ongibhekile, yini ngezinye izikhathi engizama ukuyibalekela? Ngamanye amazwi, yini engilinga ukuthi ngihwebe ngobuqotho bami ngento ethile okwamanje? 

Ziphonsele inselelo: Kuleli sonto, khuluma nomuntu omdala omethembayo mayelana nempendulo yakho embuzweni othi “Zibuze” ngenhla. Ukuzijwayeza ukwethembeka ngokwabelana ngalokho okukuhluphayo kuyindlela emangalisayo yokukusiza uphile ngobuqotho! 

Thandaza: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungibonisa ukuthi ngingaphila kanjani impilo yokwethembeka nobuqotho. Ngisize ngithembeke ezenzweni zami, hhayi nje ngamazwi ami. Egameni likaJesu, ameni.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Character Practice

Usukulungele? Ulungele noma yini? Uma ufuna ukulungela inkululeko eyengeziwe, ukwethenjwa okwengeziwe, nokuzimela okwengeziwe, kufanele uzilolonge. Ngizilolongele ini, uyabuza? Zijwayeze ukuphila nesimilo sokuhlonipha uNkulunkulu! Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku eziyisithupha olunamavidyo kliphu avela ku-Loop Show luzokusiza ukuba uzijwayeze izici ezifana nokwethembeka, ukuthobeka, ukucasuka—isimilo sokuhlonipha uNkulunkulu—ukuze ulungele noma yini.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/