Imininingwane ngohlelo

Indlela kaNkulunkulu YempumeleloIsampula

God’s Path to Success

USUKU 1 KWEZINGU- 3

Abantu abaningi abayiboni impumelelo njengoba injalo. Bafuna iziqhumane, ubucwebe kanye nenkundla eyodwa enkulu ehlokomayo yehlombe. Imboni yethu yezokuzijabulisa nezingosi zokuxhumana, kanye nezemidlalo ezikhokhelwayo, kudale umbono ongekho ngokoqobo wokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu ophumelelayo. Ngeshwa, lokhu okulindelekile okungelona iqiniso kuvame ukusenza siphuthelwe impumelelo yangempela uma ifika. Noma kusenza siphuthelwe ukujabulela impumelelo esiyizuzile. Ngenxa yokungaqapheli, singaphetha ngokujaha into enkulu elandelayo. Bese kuba okulandelayo nokulandelayo. Sizithola sijikeleza emjahweni wamagundane ngempilo. 

Njengoba siphila ezweni eliphukile, elingcoliswe isono kanye nemiphumela yaso, inqwaba yezinyathelo ezibalulekile zempumelelo ezimpilweni zethu zingase zibonakale zimuncu uma konke sekushiwo futhi kwenziwa. Ngaphandle uma siqonda imvelo yempumelelo yokomoya, singaphetha ngokufuna okuthile esivele sikunikiwe. Ngaphandle kokuqonda okucacile ngempumelelo yombuso, ngeke sazi ukuthi sitshale kanjani isikhathi sethu, amathalente kanye nengcebo. Noma yini oyihlwanyelayo iyona enquma ukuthi uvunani. Kodwa uSathane uvame ukusenza sihlwanyele ezintweni ezingalungile ngoba asiqondi kahle ukuthi impumelelo yangempela ibukeka kanjani. 

Iziphi izinto ezintathu eziphezulu noma imibono otshale kuyo eminyakeni embalwa edlule?

Imiphi imiphumela etholakele, futhi ingabe iyahambisana nohlelo lombuso kaNkulunkulu? 


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

God’s Path to Success

Wonke umuntu ufuna impumelelo, kodwa abaningi abayitholi ngoba basuke bephishekela ukuqonda okungamanga ukuthi kusho ukuthini ukuphila impilo ephumelelayo. Ukuze uthole impumelelo yeqiniso udinga ukubeka amehlo akho enca...

More

Sifisa ukubonga The Urban Alternative (Tony Evans) ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ukuthola ulwazi olubanzi, sicela usivakashele:https://tonyevans.org

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo