Ukuphila Kushintshile: Njengomama OyedwanaIsampula

Living Changed: As a Single Mom

USUKU 1 KWEZINGU- 6

Eqinisweni

Kubo bonke omama abangabodwana engibaziyo, akekho engimaziyo owake wacabanga ukukhulisa umntwana yedwa—ngihlanganise nami uqobo. Uma besiphupha ngokuba nomndeni owethu, ngokuqinisekile asikaze sicabange ukuthi siyoke sikwenza sisodwa. Akukhathalekile ukuthi sifika kanjani ekubeni ngumzali oyedwa, kuyindima enzima. 

Uhambo lwami ekubeni ngumama oyedwana lwaqala lapho umyeni wami engangishade naye cishe iminyaka engu-10 eshiya umshado wethu kungazelele futhi waphuma nasedolobheni. Njengoba nginabantwana ababili abancane neyodwa endleleni, ngazizwa ngithukile futhi ngiphelelwa ithemba lapho ngibhekene neqiniso lokuthi ngizozikhulisela lezi zingane ngedwa. Ngalowo nyaka wokuqala, ngahamba phakathi nenkungu yosizi, konke ngizama ukukwenza nje ngenxa yokuphila. Ngakwazi ukugcina izingane zondlekile futhi zigqokile, lapho ngangikhala ngize ngilale ebusuku ngezinsuku eziningi.

Yonke into yayizwakala njengomzabalazo—ngokomzwelo, ngokomzimba, ngokwezimali, nangokomoya. Nganginemibuzo eminingi nentukuthelo enkulu. Kungani ngisale ngedwa ukuphatha lokhu? Ingabe uNkulunkulu wayengibona na? Ngaphezu kwakho konke, ngangizibuza ukuthi kuzokwenzekani kimi nasezinganeni zami. Ngabe sizolunga?

Uma ubhekene naleyo mizwa futhi ubuza imibuzo efanayo, ngifuna wazi ukuthi likhona ithemba ngawe nomndeni wakho ngoba likhona ithemba kuJesu. uNkulunkulu uyakubona, futhi ukukhathalele ngokujulile wena nabantwana bakho. Nakuba imizwa yesizungu, ukukhungatheka, nokukhathala ingokoqobo, kanjalo noNkulunkulu owakudalayo. Ukuhlomisele lolu hambo.

Jesu ngiyakhala kuwe ngicela usizo nethemba. Nakuba ngizizwa ngingedwa, ngiyabonga ukuthi uhlale unami futhi ungakimi. Ngisize ngibone lapho usebenza khona esimweni sami futhi ngikholwe ukuthi izinhlelo zakho ngami zinhle. Ngifuna ukukwethemba kakhulu. Yandisa ukholo lwami! Ameni.


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Living Changed: As a Single Mom

Umsebenzi kamama ongayedwana unzima futhi ngezinye izikhathi unesizungu, kodwa futhi uyindima ebaluleke kakhulu oyoke uyidlale. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukukhethile futhi wakuhlomisela ukuba uhole umndeni wakho. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha, uzothola izinsiza kanye nemibhalo ukuze uphiliswe ngesikhathini esedlule, ukhuthazwe esikhathini samanje, futhi uthole ithemba ngekusasa lakho.

More

Sithanda ukubonga i- Changed Women's Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: http://www.changedokc.com