Uthando Luyahlala Iviki ElingcweleIsampula

Love Remains Holy Week

USUKU 3 KWEZINGU- 8

UJesu wachitha ingxenye enkulu yezinsuku zakhe zokugcina efundisa abantu ababemzungezile. Kwaqubuka enye ingxoxo lapho abaholi benkolo nezazi zomthetho bebuza uJesu ngomthetho.

Umbuzo: Yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke na?

Impendulo: Uthando. “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho; owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

Cabanga ngokuthi kubukeka kanjani ukuthanda umuntu ngayo yonke inhliziyo yakho, umphefumulo namandla akho onke. Ingabe kuzoba nokubonakala kwangaphandle? Umnikelo othile obambekayo? Isithombe sethu esikhulu sothando yileso esitholakala emibhalweni engcwele. Lowo Nkulunkulu, owasithanda kangaka, akazange ayigodle eyakhe indodana. NoJesu owasithanda kangaka wadela ukuphila kwakhe ukuze thina siphile.

Ingabe imindeni yethu, ubudlelwano, imiphakathi kanye nomhlaba ubukeka kanjani uma siphila ngalolo hlobo lothando? Singathanda kanjani, ngisho namanje, kuyilapho siphoqelekile ngempela ukuba sehlukane?

Funda uMathewu 22:34-40 futhi bese ubuza ukuthi uthini uNkulunkulu kuwe?

UJesu wachitha ingxenye enkulu yezinsuku zakhe zokugcina efundisa abantu ababemzungezile. Kwaqubuka enye ingxoxo lapho abaholi benkolo nezazi zomthetho bebuza uJesu ngomthetho.

Umbuzo: Yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke na?

Impendulo: Uthando. “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho . . . owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

Cabanga ngokuthi kubukeka kanjani ukuthanda umuntu ngayo yonke inhliziyo yakho, umphefumulo, namandla. Ingabe kuzoba nokubonakala kwangaphandle? Umnikelo othile obambekayo? Isithombe sethu esikhulu sothando yileso esitholakala emibhalweni engcwele. Lowo Nkulunkulu, owasithanda kangaka, akazange ayigodle eyakhe indodana. NoJesu owasithanda kangaka wadela ukuphila kwakhe ukuze thina siphile.

Ingabe imindeni yethu, ubudlelwano, imiphakathi, nomhlaba ubukeka kanjani uma singaphila ngalolo hlobo lothando? Singathanda kanjani, ngisho namanje, kuyilapho siphoqelekile ngempela ukuba sehlukane?

Funda uMathewu 22:34-40 futhi, bese ubuza ukuthi ingabe uthini uNkulunkulu kuwe na?

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Love Remains Holy Week

Kunzima ukucabanga ukuthi uJesu wayecabangani futhi ezizwa kanjani ezinsukwini eziholela ekuweleni, kodwa into eyodwa esiyaziyo—ukwethemba kwakhe nesiqiniseko sakhe ebuhleni nothando oluthembekile lukaNkulunkulu. Thatha uhambo kuleli sonto Elingcwele ngokusebenzisa amavangeli, hamba noJesu, buza uNkulunkulu umbuzo olula, futhi uhlangabezane nothando olukhulu lukaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga I-World Relief ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: https://www.worldrelief.org