Ungaphila kanjani Nomndeni WakhoIsampula

How To Live With Your Family

USUKU 6 KWEZINGU- 6

Yenza Ingxenye Yakho

Ngenxa yokuthi usemncane akusho ukuthi awukwazi ukudlala indima enhle emndenini wakho. Ivesi lanamuhla ku-1 Thimothewu likutshela ukuthi ungavumeli noma ubani acabange kancane ngawe ngenxa yeminyaka yakho. Kodwa-ke iyaqhubeka ikutshela ukuthi ube yisibonelo. Yilokho kuphela! Phila impilo yakho ngendlela eyisibonelo kwabanye.

Ungaba yisibonelo esihle ezinganeni zakini. Babonise ukuthi bathandane futhi banakekelane kanjani. Babonise ukuthi kubukeka kanjani ukuba ilungu elihle lomndeni wakho ngokusiza abazali bakho. Ungakwazi ngisho nokubekela abazali bakho isibonelo sokubathobela nokubalalela futhi ubasize lapho bekudinga. Bazoqaphela ukuthi wehlukile.

Ungazishintsha izinto emndenini wakho. Uma kunezimo ezinzima, thola ukuthi yini ongayenza ukuze wenze izinto zibe lula. Uma ubona ukuthi abazali bakho bacindezelekile, bona ukuthi yini ongayenza ukuze ubasize futhi ubakhonze. Uma izingane zakini zibhekene nobunzima, yiba khona futhi uzilalele. Nikeza iseluleko uma besidinga.

Ungaba nethonya elihle emndenini wakho. Ngokuhamba kwesikhathi, uzobona ukuthi izinto zizohluka ngokuya ngendlela oziphatha ngayo nowenza ngayo. Uma ukhetha ukulwa, nokuphikisana, futhi ungalaleli, futhi ugcwaneka, impilo yomndeni wakho izoba nzima. Kodwa uma ukhetha ukuthanda, nokufunda, nokuhleka, nokulalela, nokukhonza, nokuhola, uzoba nomthelela omuhle emndenini wakho.

Funda ivesi lanamuhla, ku-1 Thimothewu 4:12 futhi. Thola ukuthi inkulumo yakho, ukuziphatha kwakho, indlela othanda ngayo abanye, nokholo lwakho kungaba yisibonelo emndenini wakho. Manje funda umusho wokugcina kuJoshuwa 24:15 futhi. Makube isiqubulo somndeni wakho. Wena nendlu yakho ningakhonza uJehova.

Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

How To Live With Your Family

Sonke sinemindeni yohlobo olulodwa noma olunye. Imindeni yethu iyasakha futhi isibumbe ngaphezu kwalokho ebesingakwazi. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezine luzokusiza ekuboniseni ukuthi ungaphila kanjani kahle nomndeni uNkulunkulu akunike wona.

More

Sithanda ukubonga Switch ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church

Izinhlelo zohlobo olufanayo