Ungaphila kanjani Nomndeni WakhoIsampula
![How To Live With Your Family](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2392%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Awuzange Uthole Ukukhetha Umndeni Wakho
Iqiniso liwukuthi, wonke umuntu uphuma kwenjalo imindeni ehlukene, akunjalo? Abanye banenqwaba yezelamani kuyilapho abanye beyizingane kuphela. Abanye banabo bobabili abazali noma usingamzali, abanye bahlala nemindeni yokutholwa noma izihlobo ezikude kakhulu
Akukhathaliseki ukuthi umndeni wakho unjani, khumbula lokhu: Unkulunkulu wayewazi umndeni ozoba kuwo, futhi uzosebenzisa umndeni wakho ukukusiza ube ngumuntu afuna ube nguye. Kholwa yilokho. Umndeni wakho ungakucwenga futhi uze ukuqinise ube yilokho ahlose ukuba ube yikho. Futhi kuvunyelwe, awukwazanga ukukhetha umndeni onawo, kodwa uthola ukukhetha ukuthi wenza kanjani, uziphathe kanjani, futhi uphile ngaphansi kwanoma isiphi isakhiwo somndeni wakho noma sinjani.
Unkulunkulu ufuna ukuba ubonise Uthando lwakhe emndenini wakho noma ngabe isimo sakho sinjani. Ungakhetha ukwenza izinto zibe nzima nakakhulu, nokuphikisana, futhi ungalaleli, noma ungakhetha ukuthanda umndeni wakho kahle futhi uwubonise ukuthi luyini uthando lukaNkulunkulu.
Mayelana naloluHlelo
![How To Live With Your Family](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2392%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Sonke sinemindeni yohlobo olulodwa noma olunye. Imindeni yethu iyasakha futhi isibumbe ngaphezu kwalokho ebesingakwazi. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezine luzokusiza ekuboniseni ukuthi ungaphila kanjani kahle nomndeni uNkulunkulu akunike wona.
More