Izikhali zikaNkulunkuluIsampula

Armor of God

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ungalwi Nabantu

Kubalulekile ukuqaphela ukuthi asizigqoki izikhali zikaNkulunkulu ukuze sibambane nenyama negazi. Ngamanye amazwi, asilwi nabantu. Akwenzeki ukuphila ngokunqoba endaweni kamoya ube uxabana nabantu enyameni. Yingakho uPawulu esikhumbuza ukuthi asibambene nenyama negazi. 

uNkulunkulu usigcoba ukuba sinqobe izimpi zomoya, hhayi ukuxabana nabantu. Asibizelwanga ukuqophisana nabantu. Udeveli uyenga ukuba sihlanganyele ezimpini okungezona ezethu. Ungalwi nabantu. Omubi usilinga ukuthi silwe nabafowethu nodadewethu ukuze sikhohlwe ukulwa naye. Ungamoshi ugcobo lwakho ezimpini uNkulunkulu angazange akubizele kuzo. 

Ukuze sihambe ngokunqoba endaweni kamoya, kufanele sihlale sigxilile futhi sisuke ekuxabaneni nabantu, kungakhathaliseki ukuthi lezo zimpi zisiheha kangakanani. 


Ulijabulele lolu hlelo? Bheka ibhuku lami Zilwele(Ukusuka Ekukhululweni Kuya Embusweni).  Thola le ncwadi ku-Amazon noma yilande mahhala kweyami iwebhusayithi. 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Armor of God

Siyalwa ukuba sigqoke izikhali zikaNkulunkulu ezihlanganisa ukholo, ukulunga, insindiso, iqiniso, nokuthula. Akudingekile ukuthi siZikhiqize kodwa siqondiswa ukuthi siZigqoke. Lezi zikhali zihlinzekwa uNkulunkulu kuwo wonke amakholwa. Wonke umKristu unezikhali zikaNkulunkulu, kodwa akuwona wonke umKristu ozigqokayo. Izikhali azisebenzi uma zingagqokwa.

More

Sithanda ukubonga uVladimir Savchuk ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.vladimirsavchuk.com/

Izinhlelo zohlobo olufanayo