Izikhali zikaNkulunkuluIsampula

Armor of God

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Isigqoko Sensindiso Esikhundleni Sesigqoko Sokulahlwa

Sigqoka isigqoko sensindiso lapho sikholwa ukuthi sisindisiwe, nalapho sivuma ukuthi sisindisiwe. Sisindisiwe ngomusa kaJesu ngokukholwa. Isipho sensindiso sisenza abantwana bakaNkulunkulu. Usilungisela indawo ezulwini futhi wenza ukuba uMoya oNgcwele ahlale kithi. 

Insindiso iyisigqoko sokuzivikela okufanele siyigqoke. Ngokuhlala siqaphela insindiso yethu, sivikela izingqondo zethu ekuhlaselweni ngudeveli. Amakholwa anesigqoko sensindiso kodwa avame ukukhetha ukugqoka isigqoko sokulahlwa. Ingqondo yabo igcwele icala namahloni, baphila ngokwesaba ukulahlekelwa insindiso yabo. Kodwa insindiso yakho ikuJesu futhi insindiso yakho ivikelekile. 

Faka insindiso engqondweni yakho. Ungagqoki izigqoko zecala, ihlazo, nokwesaba; gqoka insindiso. Vuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu unguMsindisi wakho.  Akekho ongakuhlwitha esandleni Sakhe. Ukuba nensindiso kuyasivikela olakeni lukaNkulunkulu, kodwa ukugqoka insindiso kusivikela ekuhlaselweni ngusathane. Sela. 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Armor of God

Siyalwa ukuba sigqoke izikhali zikaNkulunkulu ezihlanganisa ukholo, ukulunga, insindiso, iqiniso, nokuthula. Akudingekile ukuthi siZikhiqize kodwa siqondiswa ukuthi siZigqoke. Lezi zikhali zihlinzekwa uNkulunkulu kuwo wonke amakholwa. Wonke umKristu unezikhali zikaNkulunkulu, kodwa akuwona wonke umKristu ozigqokayo. Izikhali azisebenzi uma zingagqokwa.

More

Sithanda ukubonga uVladimir Savchuk ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.vladimirsavchuk.com/

Izinhlelo zohlobo olufanayo