IBhayibheli Labantu Bonke: Indlela Yokuthandazela Ukuhunyushwa KweBhayibheliIsampula
Izwi Labo Bonke
Imibhalo isiyisa kuJesu, umqalisi wokuphila kwethu okuphakade.
NgokukaJohane 5:39 ithinta wonke umuntu. Sonke sibanjwe sifuna uthando ezindaweni ezingafanele. Esikhathini esithile ezimpilweni zethu, sifika ekuqapheleni ukuthi akukho lutho kulomhlaba oluyosanelisa ngaphandle kukaJesu yedwa. UJohane 5:39 usibonisa ukuthi singenza ngisho nephutha lokucabanga ukuthi iBhayibheli linokuphila okuphakade kithi.
Akunjalo.
NguJesu yedwa osinika ukuphila okuphakade.
Kodwa bhekisisa lokho uJesu akushoyo: “ImiBhalo ikhomba kimi!” Pho kungani sithandazela ukuhunyushwa kweBhayibheli? Impendulo ibonakala kahle enkulumweni yakamuva evela eqenjini labantu base-Afrika elathola iBhayibheli ngolimi lwabo ngokokuqala ngqá: “UJesu manje ungomunye wethu.”
Ukuhunyushwa kweBhayibheli kuletha uguquko empilweni ngoba inhloso nguJesu, kuwo wonke umphakathi wezilimi emhlabeni. UJesu uyiZwi (NgokukaJohane 1:1) futhi siyamazi ngeZwi—iBhayibheli.
Umkhuba wokukhuleka #1: Thandaza ngaphambi kokuba ufunde iBhayibheli.
Ngaphambi kokuthi ufunde ibhayibheli, qala ukujwayela impilo yokuma bese uthandazela BONKE abantu emhlabeni ukuthi babe neBhayibheli ngolimi lwabo. Buka ividiyo engezansi ukuze ukhuthaze imithandazo yakho yenkonzo yomhlaba wonke yokuhumusha iBhayibheli.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ibhayibheli likuguqule ngaziphi izindlela ukuphila kwakho? Lapho ukuphila kusishaya kanzima, sithola isiqondiso nenduduzo emBhalweni. Kodwa kuthiwani uma iBhayibheli belingekho ngolimi lwakho? Lokho kuyiqiniso kubantu abayisigidi esizinkulungwane namuhla. Joyina lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 lapho ungahlanganyela khona ekufundeni kwakho imiBhalo ngezindlela ezilula nezisebenzayo zokuthandazela abantu ngaphandle kweBhayibheli.
More