Ngabe yimalini Eyanele?Isampula

How Much Is Enough?

USUKU 4 KWEZINGU- 6

Nginikela Ngamalini?

Uke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu esicela ukuthi sibuyisele kuye imali? Noma ngisho komunye nomunye? Njengokuthi, ingabe Uyakukhathalela? Ingabe uyayidinga imali yethu? 

Impela impendulo ithi akayidingi imali yethu. Uphethe yonke into futhi akadingi mali. Kodwa-ke Ufunani? 

Kuhlobene nezinhliziyo zethu. UNkulunkulu akahluleli okubonakala kithi kwangaphandle, ubheka izinhliziyo zethu. Futhi kaningi, izinhliziyo zethu nemali yethu kusondelene kakhulu. 

Bukela le vidiyo enendaba eseBhayibhelini yowesifazane owanikela kakhulu kangangokuthi ngisho noJesu uqobo wakuqaphela.

Izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezivela kowesifazane ongenandoda—futhi, ngenxa yamasiko angaleso sikhathi, empeleni wayingenayo indlela yokuzitholela eyakhe imali. Futhi uJesu wayeka lokho Ayekwenza ukuze akhulume ngesipho sakhe? 

Khumbula, akukho mayelana nosayizi wesipho osinikezayo. UNkulunkulu akajabuli ngenani onikela ngalo. Uhlabeke umxhwele futhi ushukunyiswa yilokho okukubize khona. Ubheke inhliziyo yakho. 

Ingabe indaba isho ukuthi kubi ukugcina imali yakho futhi uthenge okudingayo? Akunakwenzeka! Chabo akunjalo. Kodwa kuyabonisa ukuthi uNkulunkulu akajatshuliswa abantu abenza imibukiso kanokusho ngokunikela ngemali yabo eyengeziwe kwabanye. Kuyakhombisa ukuthi uyaziqaphela izinhliziyo zethu. Kuyakhombisa ukuthi ayikho into “encane kakhulu” uma kukhulunywa ngokupha. Futhi kuyakhombisa ukuthi uNkulunkulu uyayiqaphela iminikelo yethu esiyenzela Yena—ngisho nalapho abantu bengayiboni.

Zibuze: Kungani ukuphana ngemali ngezinye izikhathi kuzwakala kwesabisa? 

Ziphonse inselelo: Ngemva kokufunda imibiko emibili yomfelokazi nokupha kwakhe okuvela kuLuka noMarku namuhla, bhala okuthile okubalulekile ongathanda ukukunikela ngemali ukuze usize ngakho namuhla. Uma unemali, ngisho noma imadlana nje, buza uMama, uBaba, noma umnakekeli wakho ukuthi bangakusiza yini ngokunikela. Uma ungenayo imali, cela usizo lokwenza uhlelo lokunikela lapho ungakwazi.

Khuleka: Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungisiza ngiqonde ukuthi akusilo inani enginikela ngalo Olinakayo—yindlela enginikela ngayo. Ngisize nginikele ngisho nalapho nginomuzwa wokuthi anginakho okuningi engingakunikeza. Ngisize ngijabule lapho ngipha, njengowesifazane engifunda ngaye eBhayibhelini namuhla. Ngegama likaJesu, ameni.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

How Much Is Enough?

Ingabe uke ufune okuthe xaxa? Amateku amaningi. Ama-skateboard amaningi. Uswidi owengeziwe. Imidlalo eminingi. Kungakhathaliseki ukuthi yini oyithandayo, ufuna nje okungaphezulu! Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza ufunde ukuthi “kwanele,” futhi likusize ubone ukuthi lapho uphila njengoJesu, ungathola injabulo eyengeziwe ngokubuza ukuthi “Nginganikela ngamalini?” esikhundleni sokuthi “Yimalini engingayithola?”

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: https://www.life.church/

Izinhlelo zohlobo olufanayo