Indlela Yokuphila YokuthethelelaIsampula
![A Lifestyle of Forgiveness](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22270%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Impilo Yenkululeko
Ibhayibheli lithi uthando aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu (1 kwabaseKorinte 13:5). I-Amplified Bible ithi: alunandaba nobubi obenziwe kuyo [alunaki ububi obenziwe].
Hawu, kungenzeka yini lokho? Ngicabanga ukuthi kunjalo! Cabanga nje, uma othile enza okuthile okukucasulile, okulimazayo, noma okuthukuthelisayo - bese ungakunaki nje, u ungakunaki nje! Uma, lapho othile ekucasula (ngenhloso noma cha), umane uxolele ngokuzenzakalela, ngaphambi kokuba isiphambeko sithole nethuba lokushaya inhliziyo yakho noma sibambeke engqondweni yakho.
Ngicabanga ukuthi iBhayibheli lisinika ithuluzi lapha lempilo Yenkululeko. Futhi ngikholwa ukuthi singaphila ngale ndlela ngoba uthando lukaNkulunkulu luhlala kithi. KwabaseRoma 5:5 uthi, “...uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethungoMoya oNgweleesimuphiweyo.” Lolu akulona uthando lomuntu lwemvelo - hhayi umuzwa okitazayo- kepha uthando lukaNkulunkulu olungaphezu kwemvelo, futhi selusenhliziyweni yakho. Lokho kusho ukuthi ungenza ukhetho nsuku zonke ukuthi uvumelane nalo.
Ngicabanga ukuthi yinyevo indleal yokuhamba kuloluhlobo lothando ukwenza kahle kakhulu ekuxoleleni - izinto ezinkulu nezinto ezincane. Lapho sithola kangcono ekuthetheleleni kuncane ukucasuka kanye "nokungalungi" kwempilo usuku nosuku, kubalula ukuxolela ngempela izehlakalo ezibuhlungu kakhulu ezimpilweni zethu.
Siba ngcono kanjani kokuthile? Kufanele sizilolonge. Ukuze sibengcono ekudlaleni ipiyano, kufanele sizilolonge. Ukuze sibengcono ekunikezeni izinkulumo, kufanele sikwenze ngokungeziwe. Ukuze sibengcono ekudlaleni noma yiluphi uhlobo lomdlalo, kufanele sizilolonge.
Ngicabanga ukuthi kuyafana nokuthethelela. Lapho sizijwayeza ngokungeziwe, sibangcono kuyo. Uma sizijwayeza ukuxolela izinto ezincane - ukucasuka okuncane kwansuku zonke - ngakho-ke nginesiqiniseko sokuthi sizokwazi kangcono ukuxolela lapho kufika ubunzima obukhulu. Singahamba sisuke kulezo zinhlungu singenasisihla nje kithi. Singaphila ngenkululeko futhi sigcine ipayipi lesibusiso lethu ligeleza ngasosonke isikhathi. Ngikholwa ukuthi yindlela uNkulunkulu afuna siphile ngayo, futhi usinikile amandla okukwenza lokho.
Mayelana naloluHlelo
![A Lifestyle of Forgiveness](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F22270%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Sonke sikesaba nezinto ezinkulu, ezibuhlungu kakhulu ezenzeka kithina, futhi ukuthethelela kuyisihluthulelo sokukhululeka ebuhlungwini besikhathi esedlule. Kepha kuthiwani uma sihlose ukuphila ngendlela yokuthethelela - lapho kungekho lutho olusikhathazayo, lapho ngisho nokulimala okuncane kumane kusisakaze njengamanzi emhlane wedada? Leyo impilo yenkululeko uNkulunkulu asifunela yona!
More