UkuqalaIsampula

60 To Start

USUKU 5 KWEZINGU- 60

“Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule komubi.

Nkosi, ngihole kubo bonke ubudlelwane obuzongivimbela ekukhuleni ngisondele kuwe. ngizohamba eqinisweni nasekukhanyeni.

Nkosi ngihlome izikhali zikaNkulunkulu ezitholakala kwabase-Efesu 6:12-18. 1) Ibhande leqiniso, 2) Isivikelo sesifuba sokulunga, 3) Izinyawo ezihlotshiswe ivangeli lokuthula, 4) Inkemba yomoya, 5) Isigqoko sokuzivikela sensindiso, futhi ngithandaze ngoMoya ngazo zonke izinhlobo zomthandazo nezicelo.

Nkosi, ngicela isivikelo esitholakala kumaHubo 91. Ngiyazi ukuthi uzongisindisa kuzo zonke izihibe nezinhlupheko. Ngizothola indawo yokukhosela ngaphansi kwamaphiko akho. Noma ngabe bukuphi ububi obenzeka eduze kwami, ngeke ngithinteke kubo. Uzoyala izingelosi zakho ngami ukuthi zingivikele ekulimaleni.

Ngokuba uyangithanda, nangenxa yokuthi ngiyalazi igama lakho, uyakungikhulula. Ngokuba ngikhala kuwe, uyakungiphendula, ungikhulule, ungiphakamise. Uyakunganelisa ngezinsuku ezinde, ungibonise insindiso yakho.
Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

60 To Start

Uhlelo lwezinsuku ezingamashumi ayisithupha olwakhelwe ukukusiza ukuthi uqale (noma uqale kabusha) ubudlelwane bakho noJesu. Uzokwenza izinto ezintathu nsuku zonke: Hlangana noJesu emavangelini, funda ezincwadini ukuthi abalandeli Bakhe bawufeza kanjani umyalezo Wakhe, futhi ukhule eduze Naye ngomthandazo.

More

Sithanda ukubonga i-Trinity new Life Church ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.trinitynewlife.com