Ukuthandaza Ngokumangalisayo NgoKhisimusiIsampula

Praying With Wonder Through Christmas

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Asikhuleke:

 

Baba osezulwini, siyakhumbula ukuthi sake sahlukaniswa noKristu, sahlukaniswa nabantu bakho nezihambi ezivumelwaneni zakho, singenathemba futhi ngaphandle kwakho emhlabeni.

Kepha manje, Nkulunkulu, kuKristu Jesu, thina esasikade sikude njengezazi, sisondezwe ngegazi likaKristu.

Ukhisimusi uyisipho somusa wakho, hhayi ngokufaneleka kwethu. I-advent iphawula ukuza kwakho kuKristu ukuzosikhipha ezonweni zethu, futhi kungaleso sikhathi kuphela ukuza kwethu kuKristu ukuzoguqa ngamadolo ekukhulekeni.

Akazelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni. Sivuma ukuhlubuka kwethu nokwehluleka okuningi, futhi sikhothama ngenjabulo phambi kweNdodana yakho.

 

Egameni lakhe siyakhuleka. Ameni.

Mayelana naloluHlelo

Praying With Wonder Through Christmas

Indaba kaKhisimusi iyisimangaliso emva kwesinye. Kodwa ngezinye izikhathi izincazelo ziiyajwayeleka ize ilahlekelwe wumthelela. Lemikhuleko yokuzindla emifushane ikusiza ngokuthi uhlale uzinze ezenzakalweni ezingalindelekile nezibalulekile emlandweni: ukuthi uNkulunkulu yena siqu waba ngomunye wethu. Umthandazo ngamunye ubhalwe ngu David Mathis, inhloko yomdidiyeli kwa desiringGod.org ongumfundisi e Cities Church e Saint Paul, Minnesota.

More

Sithanda ukubonga The Good Book ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thegoodbook.com/the-christmas-we-didnt-expect