Ukuthandaza Ngokumangalisayo NgoKhisimusiIsampula
Make sikhuleke:
Baba osezulwini, siyacela ukuthi kulesikhathi uzobophezela ngokujulile emphefumlweni wethu incazelo yokuza kweNdodana yakho emhlabeni.
UJesu akazelanga ukujabulisa. Akezelanga nje ukwenza indaba enkulu. Weza ukubuyisela thina mahlubuka kuNkulunkulu wethu. Ukuza kwakhe kusithinta siqu. Sisondeze eduze kulezikhathi enhliziyweni kaKristu, eyinhliziyo yakho, wenze ukuza kwakhe kokuqala, ebuqinisweni bonke, buqiniseke ezimpilweni zethu.
Ngegama likaJesu siyathandaza. Amen

Mayelana naloluHlelo
Indaba kaKhisimusi iyisimangaliso emva kwesinye. Kodwa ngezinye izikhathi izincazelo ziiyajwayeleka ize ilahlekelwe wumthelela. Lemikhuleko yokuzindla emifushane ikusiza ngokuthi uhlale uzinze ezenzakalweni ezingalindelekile nezibalulekile emlandweni: ukuthi uNkulunkulu yena siqu waba ngomunye wethu. Umthandazo ngamunye ubhalwe ngu David Mathis, inhloko yomdidiyeli kwa desiringGod.org ongumfundisi e Cities Church e Saint Paul, Minnesota.
More
Sithanda ukubonga The Good Book ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thegoodbook.com/the-christmas-we-didnt-expect