Ukwenza Okujwayelekile KubengconoIsampula
Ukuphumula Kuyadingeka
Iningi lethu lijwayele ukuba nengcindezi, ukuzibophezela ngokweqile, nokuba matasatasa. Ukuphumula kungase kubonakale kuwuphawu lobuthakathaka noma ukuntula umthwalo wemfanelo. Kodwa ukuphumula akuwona umvuzo; ukuphumula kuyadingeka.
Emva kokudala umhlaba ngezinsuku eziyisithupha, uNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa walubiza ngokuthi lungcwele. Eqinisweni, isintu sadalwa ngosuku lwesithupha, futhi into yokuqala u-Adamu ayenza kwakuwukuphumula. U-Adamu akazange akuzuze ukuphumula. Wayengenzanga lutho. Kodwa yindlela uNkulunkulu asebenza ngayo. Ukhathalela kakhulu izinhliziyo zethu kunemizamo yethu.
Kuyalinga ukucabanga ukuthi sidinga ukwenzela izinto uNkulunkulu. Eqinisweni, into engcono kakhulu esingayenza ukuba no Nkulunkulu. Sivame ukukuthola kusontekile. UNkulunkulu unendaba kakhulu ngokuthi singobani kunalokho esikwenzayo.
Akusho ukuthi asenzi lutho. UNkulunkulu wasidala ukuba sisebenze. Umsebenzi akusona isitha. Kungenye yezinto ezinhle uNkulunkulu azidalele thina. Kodwa uma sigxila emsebenzini ngaphandle kokuphumula, akuphelele. Ngokufanayo, uma siphumula kuphela ngaphandle kokusebenza, siphuthelwa ingxenye enkulu yesu likaNkulunkulu ngathi.
Okuvame ukusifaka enkingeni ukucabanga ukuthi esikwenzayo yilokho esiyikho. Cabanga ngakho. Uma uhlangana nomuntu okokuqala, yini ovame ukuyisho ngawe? Imvamisa, siqala ngokusho amagama ethu nalokho esiziphilisa ngakho. Kodwa umsebenzi awusichazi, futhi ukuphumula akuyona into okufanele siyisebenzele.
Sivame ukulingeka ukuthi singakunaki ukuphumula ngoba sicabanga ukuthi konke kuncike kithi. Kodwa ukuphumula kuwukusetha kabusha ukuze kusikhumbuze ukuthi thina sithembele kuNkulunkulu, Nguye olawulayo, futhi angethenjwa.
Asiyeke ukukuziba ukuphumula ngoba sicabanga ukuthi kusenza buthaka. Kunalokho, masikwamukele ukuphumula njengento eyisipho. Kuthuthukisa umsebenzi wethu. Kwakha ukholo lwethu. Futhi kusisiza ukuba sithembele kuNkulunkulu ngokwengeziwe. Ngoba ukuphumula akusikho ukuzinikeza imvume yokungenzi lutho. Ukuphumula kumayelana nokuvuma ukuthi uNkulunkulu unemvume yokwenza yonke into.
Thandaza: Nkulunkulu, ngiyabonga ngesipho sakho kokubili ukusebenza nokuphumula. Ngisize ngihloniphe kokubili ngokulinganayo. Khulisa ukholo lwami nokuthembela Kuwe, futhi ungisize nginikele konke ukulawula Kuwe. NgiKunika konke, Baba. Egameni likaJesu, ameni.
Inselelo: Thatha iSabatha—usuku lokuphumula—kuleli sonto. Cabanga ngokubhala lokho uNkulunkulu akubonisa kona, futhi ukhulume ngokuthi kwahamba kanjani nabangani obathembayo.
Mayelana naloluHlelo
Phakathi nenhlekelele nokungaqiniseki, abaningi bethu balangazelela ukubuyela esimeni esijwayelekile. Kodwa kuthiwani uma kuyisikhathi sokudala okujwayelekile kangcono kunalokho? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singayeka kanjani ukufuna ukulawula futhi siqale ukufuna uNkulunkulu.
More