Qala FuthiIsampula

Begin Again

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Isiqalo Esisha

Ngiyathanda ukudlulela onyakeni omusha. Njengendlela engithanda ngayo ukubona ukusa kosuku olusha. Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala lezi zinguquko ukuze zisikhumbuze ukuthi unguNkulunkulu WeziQalo Ezintsha.

Unkulunkulu angadala okuthile ngokusuka ezeni. Njengezimbiza zobumba, Angakwazi ukwenza okuthile ngenqwaba engenalutho. Angathatha inhliziyo yakho edabukileyo, engcolile engahlanziwe, ayiguqule ibe yinhliziyo ehlanzekile nenenjongo - ayenze iphile futhi!

NjengakuGenesise, lapho uNkulunkulu ekhuluma endaweni engenalutho nasebumnyameni ukuze adale indawo yonke, izinkanyezi nomhlaba wethu. Unkulunkulu wakhuluma umhlaba waba khona. Unkulunkulu angakhuluma nasebumnyameni bempilo yakho, akudalele isiqalo esisha.

Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, ake ngikuqondise ocwaningweni lwabantu abanikele ngezinxushunxushu zabo kuNkulunkulu. Ayisalawulwa izehlakalo, izimo, noma imizwa. Kodwa ukuvuma ukuthi bangathola kuphela izixazululo ezifanele, ukuphila kwangempela, isileti esihlanzekile nesiqalo esisha ngeNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu ( Funda1 KwabaseKorinte 1:30).

Ngisho namanje, angakhuluma ezinxushunxushwini zokuphila kwakho ukuze akunike ithemba elisha, amandla amasha.

Funda AmaHubo 51:10. Unkulunkulu ufuna ukukubona uhlanzekile, ngakho ufuna ukuba neqhaza ekudaleni inhliziyo yakho entsha kanye nokuletha ukuhleleka esiphithiphithini sempilo yakho. Okufanele ukwenze ukuzithoba phambi kwakhe futhi uzithobe ebukhosini bakhe.

Yithi: “O Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinile phakathi kwami.” Khuleka, “Nkulunkulu, yenza isiqalo esisha empilweni yami, kuzo zonke izinxushunxushu, ngivumele ngiqale kabusha.”

Ngithanda iziqalo ezintsha! Njengalolu hlelo lokufunda. Lujabulele!
Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Begin Again

Unyaka omusha. Usuku Olusha. Unkulunkulu wadala lezi zinguquko ukuze asikhumbuze ukuthi unguNkulunkulu WeziQalo Ezintsha. Uma uNkulunkulu akwazi ukukhuluma umhlaba waba khona, ngokuqinisekile angakhuluma ebumnyameni bempilo yakho, ekudalela isiqalo esisha. Ungakuthanda nje ukuqala kasha! Njengalolu hlelo lokufunda. Lujabulela!

More

Sithanda ukubonga uMnu. Boris Joaquin, uMongameli kanye noMphathi Omkhulu Wokuhlomisa we-Breakthrough Leadership Management Consultancy. Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu nesikhulumi esisezingeni eliphezulu ezinhlelweni zobuholi namanye amakhono athambile ePhilippines. Ngeminini ngwane eminingi, sicela uvakashele: http://www.theprojectpurpose.com/