Indlela Yokuba Sentandweni KaNkulunkuluIsampula

How To Be In God's Will

USUKU 2 KWEZINGU- 3

LALELA BESE ULANDELA

Ngake ngezwa indaba yezithunywa zevangeli ezithile ezazihlala edolobhaneni elimpofu lama-Afrika, zikhonza abomdabu. Ngobunye ubusuku njengoba iqembu lalithandaza, izithunywa zevangeli eziningi zathola isixwayiso emoyeni wazo sokuthi kufanele zihambe ngoba ingozi yayiseduze. Iningi leqembu lavuma, futhi lahamba, kodwa kwakukhona abambalwa abathi, “Cha, ngeke sixoshwe - sinegunya ngaphezu kwaleyo ngozi, singabantu bokholo!” Ngakho bahlala.

Ngokudabukisayo, ngalobo busuku amadoda amabi agasela kulowo muzi abulala izithunywa zevangeli ezazisele. Ngemva kwalokho abanye abantu emuva ekhaya bezwa ngakho futhi bathi, “Kungani uNkulunkulu engazivikelanga lezo zithunywa zevangeli?” Nokho, Wakwenza! Kodwa akuzona zonke izithunywa zevangeli ezalalela futhi zahlonipha. 

Ngicabanga ukuthi izikhathi eziningi kuba njalo uma sizwa ngezigameko ezimbi enzakalayo. Kaningi uMoya kaNkulunkulu wawukhona kusenesikhathi, uxwayisa abantu, kodwa abazange balalele futhi balandele lokho okushiwo.

Ngiyasibona futhi lesi simo uma kukhulunywa ngobudlelwane. Owesifazane ojola nendoda (kanjalo noma owesilisa ejola nowesifazane) uzothi kimi, "Angicabangi ukuthi nguyena ongowami - ngizwa sengathi iNkosi ingitshela ukuthi ngiyeke ukumbona - kodwa ngimthanda kakhulu!" Noma bazothi, “Sekuyiminyaka ngifuna ukushada futhi lokhu kungase kube yithuba lami kuphela.” Noma bangase basho esinye isizathu sokungaphumi kulobobudlelwane. 

Ngike ngibe nabantu abangitshela ukuthi ngeke bahlukane nomuntu ngoba lokho kungalimaza omunye umuntu, noma omunye umuntu usabise ngokwenza into embi uma bengakwenza. Yileso isizathu esengeziwe sokugijima ngokushesha futhi ubalekele kude nabo! 

Lalela, ngiyaqonda - akunandaba ukuthi ungubani, uneminyaka emingaki, noma unesikhathi eside kangakanani unobudlelwano nomuntu, ukuhlukana kunzima ukukwenza (uNeil Sedaka wayeqinisile!). Kodwa akulungile ukubambelela kumuntu (noma kokuthize) lapho iNkosi ibikade ikuyalezela ukuthi ubadedele (noma ukuyekele) ahambe. Ufuna okungcono kakhulu kuphela. Ngibone izimpilo eziningi zonakaliswa ngokunganaki ukuhola Kwakhe. Futhi empeleni kuwukungalaleli nje -ku ngukukhetha ukuphuma entandweni kaNkulunkulu.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

How To Be In God's Will

Ukuba sentandweni kaNkulunkulu akuyona imfihlakalo. Kodwa ngezinye izikhathi siyesaba kakhulu ukuphuma entandweni Yakhe kangangokuthi siyakhubazeka ekuqhubekeleni phambili. Yazi lokhu: uNkulunkulu ufuna ukukuholela entandweni Yakhe ephelele, futhi uma uyigeja, mkhulu ngokwenele ukukubuyisela endleleni efanele. Nazi izindlela ezimbili kuphela zokuphuma entandweni kaNkulunkulu…

More

Sithanda ukubonga Karen Jensen Salisbury ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://karenjensen.org