Indlela Yokuba Sentandweni KaNkulunkuluIsampula
IZINDLELA EZIMBILI KUPHELA
Ngezinye izikhathi singasaba ukuqhubekela phambili ngendlela ngoba sesaba ukuthi sizophuma entandweni kaNkulunkulu. Kodwa uma umfuna ngobuqotho uNkulunkulu, zimbili kuphela izindlela zokuphuma entandweni kaNkulunkulu. Enye indlela ukuthi uma ekutshele ukuthi wenze okuthile -- futhi wena wazi ngaphandle kokungabaza ukuthi ukutshele ukuthi ukwenze - bese ungenzi, kusho ukuthi lokho kuphuma entandweni Yakhe.
Ngiqonde ukuthini ngalokho? Ake sithi uNkulunkulu ukugxilisile enhliziyweni yakho ukuba uye esikoleni seBhayibheli (noma olunye uhlobo lwesikole). Ukwenze kwacaca kuwe, hhayi kanye kodwa izikhathi eziningi. Nokho wena awulandeleli. Mhlawumbe unomsebenzi noma indlu noma umndeni noma ezinye izizathu ezingaba yikhulu zokuthi kungani kungenamqondo ukuvele ushiye lokho bese uya esikoleni. Uvele uyidebesele njalo lapho umqondo ufika engqondweni yakho, uthi, “Cha, angikwazi ukukwenza lokho. Angizuku kwenza.”
Uma uNkulunkulu ekuqondisa ukuthi uye endaweni ethile, kungenxa yakho kuphela. Uma umelana Naye ngakho, awukho entandweni Yakhe. Ngaba uthisha esikoleni seBhayibheli iminyaka eminingana, futhi ngangihlale ngimangazwa abafundi ababeza ehhovisi lami futhi basho izinto ezinjengokuthi, “Anginandaba ukuthi uNkulunkulu uthini, angi zukubuyela ebandleni lakithi ngemva kokuphothula izifundo zami!” Ngangiphendula ngithi, “Ngempela? Uma uNkulunkulu ekuholela ukuba ubuyele lapho, akusizi yini wena ngokuhle? Ingabe wazi ngaphezu kwaKhe? Ingabe uhlela ukungamlaleli?” Yebo abazange bathande lapho ngibeka kanjalo, kodwa empeleni yilokho ababekusho.
Leyo yindlela eyodwa esiphuma ngayo entandweni kaNkulunkulu - sazi ukuthi yini afuna siyenze, bese singakwenzi.
Enye indlela yokuphuma entandweni Yakhe iwukuthi uma ekutshelile ukuthi ungakwenzi okuthile - futhi wena ukwazi ukuthi Ukutshelile ukuthi ungakwenzi - kodwa wena uyafuna, noma ungasilaleli isixwayiso Sakhe, bese uyakwenza noma kunjalo. Khona-ke ungaphandle kwentando yaKhe futhi. Zombili lezo zindlela zifaka ukukhetha kwakho. Uma ukhetha ukulalela izwi Lakhe futhi ulandele ukuhola Kwakhe, ngeke uphume entandweni Yakhe. Futhi uma wenza iphutha, mkhulu ngokwanele ukuthi angakubuyisela endleleni ngoba ulalele Yena.
Mayelana naloluHlelo
Ukuba sentandweni kaNkulunkulu akuyona imfihlakalo. Kodwa ngezinye izikhathi siyesaba kakhulu ukuphuma entandweni Yakhe kangangokuthi siyakhubazeka ekuqhubekeleni phambili. Yazi lokhu: uNkulunkulu ufuna ukukuholela entandweni Yakhe ephelele, futhi uma uyigeja, mkhulu ngokwenele ukukubuyisela endleleni efanele. Nazi izindlela ezimbili kuphela zokuphuma entandweni kaNkulunkulu…
More