Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheliIsampula
![Scaling Leadership with Biblical Wisdom](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19658%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Ubuhlakani Bebhayibheli
Ulimi lwesingisi luyinkinga futhi kuyadida impela. Kuthina esikhuluma Isingisi kuphela, asikubambi ukudidisa kwaso. ukwenza isibonelo, thatha igama khulisa noma thuthukisa. Bheka ku-inthanethi yakho uye ku-Dictionary.com, futhi uzobona ukuthi lamagama anezincazelo eziningi
amazenga
ibizo
—okuningi okuncinyana, okucijile ukusathambo elivikela isikhumba sikafishi, izingwenya, ngokujwayelekile ukwalekanyana okunye kokunye.
isenzo
—sikala isisindo esishiwo
"Amanye amadoda akala ngaphansi kwamakhilogremu ayisishalalolunye."
isenzo
-khuphukela phezulu noma ngaphezulu( kwento ephakeme futhi enyukelayo)
"Amasela eqa othangweni olungamamitha awu-8."
Lezo yizo zonke izincazelo iziqondile zokukala noma uKukhuphuka, kepha akuyona incazelo engingayisebenzisa uma ngikhuluma Ngokukhulisa Ubuholi. Incazelo engcono kakhulu engayithola yavela ku-Macmillan Dictionary lapho ngibheka ibinzana elithi "Khulisa."
Incazelo noma okuchazayo, ngokukhulisa ngizokusebenzisa kuloluhlelo lwebhayibheli:
ukwenza okuthile kube kukhulu ngosayizi,inani,njll. ngaphezu kwalokho obekuyikho
ukwenza okuthile kube khudlwana: ukwandise,ukukhulise, nokukhuphula
"I-oda lalo sayizi lisho ukukhuphuka kwamandla ethu okukhiqiza."
Njengabalandeli baka Jesu, ukukhulisa ubuholi bethu sisebenzisa ubuhlakani obuvela eBhayibhelini kubalulekile futhi kusemqoka kulesi sikhathi samanje. kumele sandise,sikhulise,sikhuphule futhi sithuthukise amandla ubuholi bethu ukuqondisa izimo esibhekana nazo. ukuguquka ngokushesha kubuchwepheshe,ukushintsha kwabasebenzi,amandla amaqembu,futhi nokugudluka komnotho womhlaba kungezinye zizinkinga esizohlangabezana nazo futhi ukusebenzisa amaqiniso ebhayibheli kuzojulisa ulwazi lwethu.
Kepha ukukhulisa ubuholi bethu akusikho kuphela ngokomsebenzi. Kumele sikhulise ubuholi bethu emakhaya nesemindenini yethu nakobunye ubudlelwane futhi. Kungahle kube ngokweqile, kepha ingxenye enkulu, Ngiyakholwa umqeqeshi uHoltz ebekade esho okuthile:
"Kulo mhlaba, kungaba ukuthi uyakhula noma uyafa, ngakho qalela futhi ukhule."-Lou Holtz
Siyakhula noma siyafa. Sizokhulisa ubuholi bethu noma sizobunciphisa. Njengamanje kungayisikhathi esihle ukuveza lokhu kube obala-ukukhulisa ubuholi bethu ngeke kuze kalula. Ukunakekela lokhu futhi sizinikele ngenhloso kulolu hlobo lokukhula kuzosibeka ezimweni eziyinselelo futhi kusikhiphele ngaphandle kwezindawo zethu zokunethekezeka. Kodwa uma singakwenzi, ngeke sifinyelele kuwo wonke amandla alokhu uNkulunkulu asibekele khona.
"Uma sikhula, sizohlale njalo siphuma ngaphandle kwezindawo zokunethezeka."-John Maxwell
Eminyakeni ewu-25 edlule njengomlandeli ka-Kristu, umholi webandla futhi nomsunguli, nosomabhizinisi,ngithole ukuthi iBhayibheli ligcwele izindaba,izibonelo kanye nezeluleko ezisebenzayo ezisinikeza ukubaluleka okukhulu. Isikhathi sokuziphonsela inselelo ngokusebenzisa izwi likaNkulunkulu ukuphuma ezindaweni zethu zokunethezeka. Ukulungele ukukhulisa ubuholi bakho? Uma kunjalo, Ukukhulisa uhuholi bethu Ngobuhlakani beBhayibheli kuzokusiza ukwenze njalo.
Oluhlaza umbala ndawozonke ukunikeza imvume yokuqhubeka. Njengoba uzulisa umunwe wakho ngomcibisholo oluhlaza,zinike isikhashana ukulungisa inhliziyo nengqondo yakho ngokuzwakalisa umthandazo olula.
Nkulunkulu,Ngimi ngomumo ukuzwa kuwe.Ngisize ngizwe ukuthi uthini ukuze ngingaphuthelwa yilokho ofuna ukungivezela khona kulolu hambo.
Mayelana naloluHlelo
![Scaling Leadership with Biblical Wisdom](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F19658%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.
More