Lapho Ukudumazeka KuhlaselaIsampula

When Disappointment Strikes

USUKU 4 KWEZINGU- 4

Ukusebenzisa Ukudumazeka Kwethu

Ukudumazeka esibhekana nakho kungasigcina lapho sikhona noma kusiholele kokuthile okungcono. Umsebenzi owanelisa kakhudlwana. Ubudlelwane obungcono. Umqondo oqinile. Ikusasa eliqhakazile. Ukudumazeka akusho isiphetho esifile. Kungase kube uphawu lokuma ekuqaleni, kodwa, ngokuhamba kwesikhathi, kukhona uphawu lwesivuno olusiqondisa ukuthi silungise indawo esizungezile ngaphambi kokuqhubekela phambili...futhi.

Ukuze silulame ekuphoxekeni, kufanele sikhethe ukwethemba uNkulunkulu phakathi nakho. Lokhu akulula neze. Kunzima ukuzwa umethemba uNkulunkulu lapho siphansi. Kodwa, ngabe akusona isikhathi sokwenze mjalo lesi? Kulula ukuthembela kuNkulunkulu lapho uhlangabezana nezinto ezinhle. Kulapho izinhliziyo zethu zephukile futhi sizwakalisa ukwethemba kwethu nokholo Kuye lapho ukwethemba kweqiniso kwenzeka. Kufanele siqhubekele phambili futhi sithembele kuNkulunkulu ukuba asidlulise ebuhlungwini bethu ngoba Nguye Yedwa onokwethenjwa ukunakekela izinhliziyo zethu. Cabanga engzi zinto ezimbili njengoba uqhubeka nokuphoxeka.

Iphuzu
Sonke asizibuze, “Liyini iphuzu kulokhu?” Sifuna ukuqonda ukuthi kungani sibhekana nesikwenzayo. Ingxenye yalokhu isukela esifisweni sokungamoshi isikhathi sethu noma isipiliyoni sethu. Sifuna ukwazi ukuthi esidlule kukho akubanga yize. Uma lokho kuyinqubo yakho yokucabanga, khona-ke kukhona okuthile. Indlela engcono kakhulu yokuphulukisa ebuhlungwini nasekudumazekeni kwethu ukukusebenzisa ukuthinta omunye umuntu. Mhlawumbe wawunenkinga yokungabi nabantwana, waba nengane ehlubukayo, umshado wakho wabhidlika, noma waba nomdlavuza—futhi uhlu luyaqhubeka. Esihamba kukho emhlabeni yinto uNkulunkulu angayisebenzisa empilweni yomunye umuntu. Okwake kwacishe kwasicekela phansi manje sekuyindlela yokusiqondisa.

Ukukhonza Noma Cha
Uma sifuna ukufinyelela kolunye uhlangothi lokuphoxeka kwethu, kufanele sikhonze uNkulunkulu ngenkathi sikulokho. Njengabalandeli bakaJesu, ukudumisa uNkulunkulu ngeke kube yinto esiyenzayo kuphela lapho sizizwa sikuthanda noma lapho izinto zihamba kahle—sidumisa uNkulunkulu lapho izinto zingenangqondo. futhi sizizwa siphansi ezimpilweni zethu, kukhona njalo isizathu sokuMkhonza. Asikwazi ukugcina amehlo ethu kuthina noma lokho ebesifisa ngabe kwenzekile. Uma senza kanjalo, siyobe singazi nhlobo ukuthi uNkulunkulu uhloseni. Ukukhonza ngenkathi siphoxekile kusivumela ukuba sibone ithemba analo ngathi kanye nephakade alindele ukulichitha nathi. Uma sikhonza, sitshela uNkulunkulu ukuthi muhle nakuba singakuqondi ngokugcwele akwenzayo.

Manje isikhathi sokumethemba ukuthi uzosebenza hhayi kithi kuphela nangathi, kodwa futhi asebenze ngaphakathi naphezu kokudumazeka kwethu ukuze asisondeze Kuye kanye nomthelela othile oza emva kwethu. Masikhokhele ngokomoya ubuhlungu bethu phambili futhi sivumele uNkulunkulu ahlenge zonke izici zokuphila kwethu.

Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

When Disappointment Strikes

Ububhekene nokudumala? Akekho kithi okhululekile ekubhekaaaneni nakho. Kungakhathaliseki ukuthi singobani, sonke sizohamba ezikhathini lapho singakutholanga esikufunayo. Pho, senzani ngokudumazeka kwethu? Ingabe akulungile ngathi ukuzizwa ngale ndlela? kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-4, sizobheka ukuthi sikuchaza kanjani, sikwamukela, sikucubungula, futhi sikusebenzise kanjani ukudumazeka kwethu ngokuhle.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.