Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 38 KWEZINGU- 40

KwabaseRoma 12:21 isitshela ukuthi singanqotshwa okubi. Akufanele sivumele ububi busigaqele noma buntshontshe injabulo yethu. Kunalokho, kufanele sinqobe amandla obubi ngokubonakalisa uKristu ngendlela esiphila ngayo. Sinqoba ububi, hhayi kuphela ngokumelana nalabo abasebenzisa kabi igunya, kodwa nangokugcina izimpilo zethu zikhululekile ezintweni ezisisusa kalula kuNkulunkulu. 

Ungawubonisa kanjani umusa emphakathini wakho kuleli sonto? Ungavumeli ububi obusemhlabeni bukuthene amandla ekuhlanganyeleni uthando lukaKristu. UNkulunkulu ukubeke lapha ukuba wenze okuhle futhi umnike inkazimulo. Singabunqoba ububi ngokuhlala endleleni nangokuthembela eNkosini esinika amandla.

Baba Nkulunkulu, siyabonga ngeqiniso lokuthi Ungumnqobi wethu Omkhulu. Ngiyakudumisa ngokunginika amandla okunqoba okubi ngokuhle. Ngiyabonga ngokungilwela izimpi zami. Ngisize ngihlale ngikhumbula ukuthi Wena unami. Ngisize ngikhanyise ukukhanya kukaKristu nomaphi lapho ngiya khona. EGameni likaJesu, Ameni.

Usuku 37Usuku 39

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/