Okushiwo uBabaIsampula
Uyingane Yami Engiyithandayo
UBaba uthi, “Ngaphambi kokuba ube ngumcabango, ngangiyazi yonke imininingwane yomklamo wakho. Kusukela enanini lezinwele zekhanda lakho kuze kube senani lezinsuku zokuphila kwakho, ngikwenzele injabulo nentokozo Yami. Miningi kunezihlabathi zasogwini, imicabango Yami yothando ngawe. Ungumntwana Wami othandekayo, futhi ngiyaziqhenya ukukubiza ngokuthi owami.”
Ungumntwana kaNkulunkulu! Abantu abaningi bakhulele emindenini lapho obaba bengekho, abanye bakhule nobaba abayisimangaliso, noma mhlawumbe obaba ababengekho nhlobo. Lesi siqeshana sendaba yethu sivame ukuba yi-lensi esibona ngayo uBaba wethu osezulwini.
Umbona kanjani uBaba wakho u-Abba?
U-Allison Fowler uthi, “Inhliziyo iyilensi esibona ngayo uNkulunkulu. Uma senqaba ukuthethelela, umunyu nokucasuka kwethu kuba ukungcola okufiphaza ikhono lethu lokumbona ngokucacile.” Ngakho mema iNkosi ukuthi ishanele inhliziyo yakho ezinkolelweni ezingamanga zesimo Sakhe okungenzeka ukuthi zakhiwe ekukhulisweni kwakho noma ngezinselelo oke wabhekana nazo. Vumela ukuba ngokoqobo kwesimo Sakhe kungene ekujuleni kuwe: Isimo sikaNkulunkulu siwukubonakaliswa kokuphelela, umusa, nothando; akunasici, chashaza, noma ibala.
Thatha isikhashana, vala amehlo akho, futhi ucabange ngesimo sikaNkulunkulu esimangalisayo. Amafutha aphilisayo avela ezulwini agcwala enhliziyweni yakho manje, esusa ifu, futhi evula amehlo enhliziyo yakho. Lalela izwi likaYihlo njengoba Ehleba iqiniso emoyeni wakho, futhi wamukele uthando Lwakhe oluchichimayo olucgwala enhliziyweni Yakhe ngawe. UBaba uthi, “Wena ungumntanami othandekayo.”
Mayelana naloluHlelo
Miningi kunezihlabathi ezisogwini, imicabango kaBaba yothando ngawe. Ungumntwana Wakhe othandekayo, futhi uyajabula ngawe! Lokhu kuzinikela kuyisimemo sakho sokuhlangana nobunjalo obuphelele, obumangalisayo bukaYihlo osezulwini. Othandweni Lwakhe akukho ukulwa nokwesaba, ngokuba usesandleni Sakhe.
More