Okwenkululeko kanye NentetheleloIsampula
uSawuli Uhlangana NoJesu, Ingxenye 2
Lena ingxenye yesibili yokusetshenziswa kweBhayibheli ngendaba yokuthi umphostoli uPawuli wahlangana kanjani noJesu.
Buyekeza okwenzeka kuZenzo 9:1-9. Funda izEnzo 9:13-14.
Kuyini ukuphikisa kuka-Ananiya umyalo weNkosi wokuvakashela uSawuli na? Wake wezwa sengathi uNkulunkulu ufuna ukhulume nomuntu ngobudlelwane bomuntu siqu noJesu kodwa kwafika imicabango efanayo engqondweni yakho? Kwakungenzekani uma u-Ananiya enqaba ukuya kokhuluma noSawuli? Kungenzeka ukuthi uPawuli akakaze abe umKristu! Evesini 11, yini iNkosi etshela u-Ananiya njengobufakazi bokuthi inhliziyo kaSawuli isilungele ukulalela lokho u-Ananiya ayezokusho? Upawuli wayekhuleka futhi kwakunamandla - ekhala kuNkulunkulu ecela umusa nentethelelo. uPhilip Yancey wake wathi: “Abantu abakuvumi kalula ukuphelelwa ithemba. Nxa benze njalo, umbuso wezulu uyasondela.” Unkulunkulu wamthobisa uSawuli ukuze abone ukuthi wayemdinga kakhulu kangakanani uNkulunkulu.
Umbuzo: Uyasikhumbula isikhathi lapho uNkulunkulu ekuthobisa khona ukuze akusondeze kuye?
Ungaluchaza kanjani ushintsho olwenzekile ekuphileni kukaSawuli? Kwakuyijika le-180-degree! Ukuphenduka okuphelele! Ushintsho olukhulu! Lena incazelo kaPawuli yalokho okwenzeka kuye—nakithi esikholelwa kuKristu. ababaningi abantu “abanokuhlangana kuMgwaqo waseDamaseku” okumangalisayo njengoSawuli, kodwa sonke kufanele sikwazi ukuthi, “Angiyena umuntu enganginguye ngaphambi kokuba ngazi uJesu Kristu.” Ungakusho lokho?
Isikhathisokuzindla:
1. Ukuphi manje ebuhlotsheni bakho noKristu?
2. Yikuphi iNkosi esihole ukuba sikwenze ukuze sifinyelele kwabanye ngoThando lukaKristu?
3. Ikuphi okwenzekile kuleli sonto njengoba usufinyelele kwabanye ukuze wabelane nabo ngothando lukaKristu?
Mayelana naloluHlelo
Ukuthethelela kuyinqubo. Kuthatha isikhathi, kuyabiza futhi kunzima. Kuwukubuyisela ubudlelwano ngokukhulula isikhathi esidlule esibuhlungu ngesimo sothando. Akukho okusigcina sisebugqilini besikhathi esedlule njengokungazimisele kwethu ukuthethelela. Ukwenqaba ukuthethelela kubangela ubuhlungu bomphefumulo. Ukuthethelela kuwukukhululeka enzondweni kanye nokuziphindiselela. Ivula kabusha ikusasa leziqalo ezintsha - ukuqala kabusha.
More