Ungaba Kanjani Yilowomuntu Abanye Abafuna Ukuba seduze NayeIsampula

How To Become Someone Others Want To Be Around

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Ungachazwa Ngamaphutha Akho

Kungaba lula kakhulu ukuchazwa ngamaphutha esiwenzayo—ikakhulukazi esiwenza ngokuphindaphindiwe. Siqala ukukholelwa ukuthi amaphutha ayilokho esiyikho.

Kodwa akunjalo.

Singaphezu kwamaphutha ethu.

Uma sikholwa ukuthi singa maphutha ethu, kusinika izaba zokuqhubeka siwenza.

Pho yini eqondene nawe? Iliphi iphutha ocabanga ukuthi lenza ingxenye enkulu kuwe? Libize ngegama. Njengamanje.

Nazi izindlela ezimbili zokudlulisa lelo phutha.

1. Cela intethelelo kuNkulunkulu.
Kalula njengoba uJesu amthethelela loyo wesifazane esisanda kufunda ngaye, uzokuthethelela.

2. Zixolele.
Kuyekele. Qhubekela phambili usuke kukho. Yiba umuntu ongcono kunalelo phutha ngoba uNkulunkulu ukwenze ongaphezu kwalokho.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

How To Become Someone Others Want To Be Around

Kulolu Hlelo LweBhayibheli, uzothola ukuthi ungakha kanjani ubuwena obuzoshintsha yonke into kuwe. Ungaba yikho konke owaziyo ukuthi ungaba yikho? Kuthole lapha.

More

Sithanda ukubonga Switch ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church