IsiphoIsampula
Khonza uJesu Ngalokho Akwenzile — uMsindisi Wethu
Yisiphi isipho esihle kakhulu owake wasiphiwa?
Mhlawumbe bekuyisipho esicatshangelwe kahle, esifike ngesikhathi esikahle umuntu omthandayo akumangaze ngaso. Mhlawumbe bekuyisipho esabiza ngaphezu kwalokho ocabanga ukuthi sikufanele. Mhlawumbe kwakuyinto owawungazi nokuthi uyayifuna.
Noma besingasifanele noma sisithole, uJesu wazidela kakhulu ngenxa yethu. Ngenkathi siseyizoni — wazi amaphutha ethu futhi singakaze simthande futhi — uJesu wakhetha ukusifela ukuze sikhethe ukuba nobudlelwano noNkulunkulu.
Lokho kukodwa kufanele kusigcwalise ngokumangala nokubonga — futhi njengezazi, kufanele kusenze simkhonze.
Njengoba babekhonza uJesu, izazi zanika uJesu isipho sokugcina: imure.
Imure yayisebenzisa izinto eziningi ezahlukene kepha yayihlotshaniswa kakhulu nokuhlupheka nokufa. Imure yayisetshenziswa njengamafutha okugcoba eTestamenteni Elidala ukulungisa ithempeli nabapristi noma abaholi. Kwasetshenziswa futhi eTestamenteni Elisha njengamafutha okugcoba futhi njengomuthi owadambisa ukuhlupheka kwabantu ababebethelwe.
Njengezinye izipho, imure yayifanekisela ukuthi uJesu uzoba ngubani:
- Ogcotshiweyo. Ujesu wagcotshwa nguMoya oNgcwele ukushumayela ivangeli, ukusiphilisa, nokusikhulula (kuLuka 4:16-19).
- Inceku Ehluphekayo. Ujesus akazange aphuze imure ukunciphisa ukuhlushwa Kwakhe esiphambanweni (KuMarku 15:23). Wathatha isisindo esigcwele sezono zethu futhi wathatha bonke ubuhlungu nokuhlupheka ngenxa yethu. Futhi kuyo yonke inkonzo yakhe, sibona inhliziyo yenceku kuJesu.
- Umhlatshelo Wokugcina.Ujesu waba umhlatshelo wokugcina — impilo yaKhe ngeyethu. Wahlupheka futhi wakhokhela izono angakaze azenze.
Njengoba ucabanga ngakho konke uJesu akwenzayo futhi wakufeza ngenkonzo Yakhe emhlabeni, vumela ukuholwa ekukhonzeni. Lokho kukhonza kungabukeka njengezinto eziningi ezahlukahlukene. Mhlawumbe kukhombisa ukubonga kuJesu ngokumdumisa ukuthi ungubani. Mhlawumbe ukuhluphekela uKristu. Mhlawumbe ukutshengisa umusa nothando olufana noKristu kwabanye. Ukukhonza kuyinto izazi azikhombisa kithi okusasebenza ngokuphelele ezimpilweni zethu namuhla.
Isikhathi samaholide singaba matasa kakhulu, futhi kunezinto eziningi kakhulu ezenzekayo. Njengezazi, kwangathi singakhumbula futhi sihloniphe isipho uJesu asinike sona. Kwangathi singelokothe sibe matasa kakhulu noma siphazamiseke size sikhohlwe ukukhumbula Lowo empeleni esimgubhayo nesipho esihle kakhulu esinaso.
Khuleka: Nkosi, ngiyabonga ngokungihluphekela nokunginikeza isipho esihle kunazo zonke — Impilo yakho. Isipho nomhlatshelo omuhle owenzile, Jesu. Ngeqiniso angikwazi ukuKubonga ngokwanele. Ngicela ungikhumbuze ngomusa waKho nothando lwaKho namuhla, futhi ungisize ngibe nenhliziyo yokuzidela neyenceku enjeNgawe. Egameni likaJesu, ameni.
Ziqeqeshe: Thatha isikhathi esingeziwe noma amandla ukudlulisela umusa, uthando, noma isihawu kothile namuhla.
Mayelana naloluHlelo
Kuyisikhathi sonyaka esimangalisayo kakhulu, kodwa sizithola simatasa ngamaholidi. KuloKhisimusi, kunganjani uma sibuyisa lesimanga? Kule pulani yeBhayibheli yezinsuku ezinhlanu ehambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Isipho, sizothola ukuthi izipho ezintathu izazi ezazinika uJesu, zingasiholela kanjani endaweni yesimanga nendumiso namhlanje.
More