IsiphoIsampula

The Gift

USUKU 1 KWEZINGU- 5

Yamukela Indlela Yomumangaliso

Yisikhathi esihle kakhulu sonyaka, kodwa kwesinye isikhathi uhlu lwezinto okufanele zenziwe luba olungapheli, amalungiselelo abonakala enzima, futhi amaholide angaba nendlela yokusikhumbuza ngokudumala kwethu okujulile.

Kepha kuthiwani uma singakhetha ukumisa kancane ukuba matasa kwesizini bese siqala ukuthola injabulo ejulile? Kuthiwani uma sehlisa ijubane ukuze samukele indlela yomumangaliso? 

Singakwazi. Ungakwazi. Kepha ukuzwa isikhathi esihle kakhulu sonyaka, kufanele siqale ukusenza isikhathi sokukhuleka kakhulu sonyaka. Ngoba isimangaliso nokukhuleka kuyahambisana. 

Kungase kungabi lula. Mhlawumbe kube unyaka onzima. Mhlawumbe uhlangabezane nokulahlekelwa othandekayo, ukulahlekelwa iphupho, noma ukulahlekelwa yilokho owawucabanga ukuthi impilo yakho izobukeka kanjani. Mhlawumbe usesikhathini sokulinda. Kodwa izinto ezenzeke ngemuva akudingeki ukuthi zinqume ngekusasa lakho. 

Uma sidumisa, sizwakalisa ukwesaba ukumangala komunye noma okuthile. Ngalesi sikhathi sonyaka, sonke sinesizathu sokudumisa — futhi akuhlangene nezimo zethu zamanje. Sinesizathu sokudumisa ngenxa yesipho esisitholile ngoJesu.

Bheka nje ukuthi kwenzekani lapho ezinye izazi zizwa ngokuzalwa kukaJesu: 

Kwathi lapho [izazi] zibona inkanyezi, zajabula kakhulu kangangokuba zamemeza futhi zagubha ngentokozo engalawuleki. Lapho zingena endlini futhi zibona umntwana omncane enoMariya unina, bakhungatheka. Bawa phansi ngasezinyaweni zakhe, bakhuleka kuye. Base bevula amabhokisi abo amagugu agcwele izipho, bamupha igolide, nenhlaka nemure. UMathewu 2: 10-11 TPT

Sekungamakhulu eminyaka abantu belindile. Ukulindela uNkulunkulu ukugcwalisa isithembiso saKhe sokuthumela uMsindisi wethu. Futhi uKhisimusi ungenye yezikhumbuzo ezinhle kakhulu zokuthi uNkulunkulu uyazigcina izithembiso zakhe. Usithumele uJesu njengesipho sokugcina ukukhombisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba nathi. 

Izazi zagubha ngenjabulo engalawuleki. Bathokoza. Baguqa ngamadolo futhi benza okuwukuphela kwento ongayenza lapho ubhekene naleso simangaliso esingaka — ukudumisa.

Lo Khisimusi, esikhundleni sokugxila kulokho okudingeka ukwenze, dumisa uNkulunkulu ngalokho akwenzele khona. Esikhundleni sokugxila kokuntulayo, gxila othandweni lukaNkulunkulu. 

Yehlela endleleni yokumangala ngokudumisa uNkulunkulu futhi umbonge ngesipho sikaJesu. Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, sizokhuluma kabanzi ngezazi, ngezipho abazinikeza uJesu, nokuthi lezo zipho zingasiholela kanjani endaweni yokudumisa. Sizokhuluma ngezindlela ezingokoqobo zokubuyisa injabulo kaKhisimusi, futhi ngokubambisana sizocela uNkulunkulu ukuthi abuyisele umuzwa wethu wokumangala. 

Khuleka: Nkulunkulu, ngehambise endleleni yomumangaliso kulo Khisimusi. Ngikhumbuze ukuthi Ungubani, futhi ngisize ngikukhonze ngenjabulo. Ngisize ngiyeke ukugxila ohlwini lwami lwezinto engizozenza bese ngiqala ukugxila esibonelweni sikaJesu, iNdodana yakho. Egameni likaJesu, amen. 

Zijwayeze: Ukuthi ungawukhulisa kanjani umqondo ngezimangaliso kulo Khisimusi? Yiziphi ezinye izindlela ongadumisa ngazo kulenkathi? 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

The Gift

Kuyisikhathi sonyaka esimangalisayo kakhulu, kodwa sizithola simatasa ngamaholidi. KuloKhisimusi, kunganjani uma sibuyisa lesimanga? Kule pulani yeBhayibheli yezinsuku ezinhlanu ehambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Isipho, sizothola ukuthi izipho ezintathu izazi ezazinika uJesu, zingasiholela kanjani endaweni yesimanga nendumiso namhlanje.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.life.church.tv/