Ukuphela Kwami ngeka Kyle IdlemanIsampula

The End Of Me By Kyle Idleman

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Ubuthaka Ukuze Uqine

Encwadini kaCorrie ten Boom ethi Tramp for the Lord, wakhuluma ngowesifazane ahlangana naye eRussia phakathi neMpi Yomshoshaphansi ngesikhathi amaKristu eshushiswa.

Isalukazi, uCorrie wabhala, ehlezi kusofa. I-Multiple sclerosis yayenze omkhulu umonakalo kulo wesifazane. Umzimba wakhe wawusonteke yonke indawo, futhi wayencike emicamelweni ukuze imsekele. Wayengakwazi ukuhamba, ngakho isikhathi somyeni wakhe sasidliwa ukunakekelwa kwakhe. Umunwe wokukhomba wesandla sakhe sokudla yiwo ayengawulawula ngawo. Akukho okunye.

Kodwa hhe, ukuthola kulowo munwe. Uhamba phakathi kwekhibhodi yomshini wokubhala usuku lonke kuze kube sebusuku, ekhipha amagama nemisho nezigaba njengoba ihumusha iBhayibheli nezinye izincwadi zobuKristu olimini lwakhe lwesiRashiya.

Umyeni wakhe wayebukela futhi waqaphela ukuthi ngojwayelekile kwakuthatha umunwe omdala oshwabene isikhathi eside ukuba ashaye ukhiye—kodwa kuwo unyakaza, uhlamvu ngalunye, ezincwadini zeBhayibheli.

Kwabe sekufika uCorrie ten Boom ezovakasha. Wabuka uhlaka olusontekile osofeni, uzwelo lwamehlula. Wakhuleka, “O, Nkosi, kungani ungamphulukisi lo wesifazane ompofu na?”

Umyeni wabona indlela lesi sivakashi esasithinteke ngayo, wathi: “Unkulunkulu unenjongo ngokugula kwakhe. Wonke amanye amaKrestu edolobheni abhekwe ngabomvu amaphoyisa omshoshaphansi. Kodwa ngenxa yokuthi usenesikhathi eside egula, akekho oke wambheka. Abazihluphi ngathi, futhi uyena kuphela umuntu ongakwazi ukuhumusha, engabonwa amaphoyisa.”

Akuqondile ukuthi uNkulunkulu usebenza naphezu kobuthakathaka bakhe. Iqiniso liwukuthi wakhazinyuliswa ngenxa yobuthakathaka bakhe ngendlela enamandla. Ungamhawukela lowo wesifazane, njengoba nami ngingenza. Kodwa yona kanye into ebesingayifisa futhi besingayithandazela, yona kanye into ngokusobala eyayibhubhisa ukuphila kwakhe, iva elihlabayo elibangela ubuhlungu obukhulu kwakuyindawo engcwele eyayivumela owesifazane obuthakathaka kakhulu ukuba abe insika yamandla embusweni kaNkulunkulu.

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

The End Of Me By Kyle Idleman

Kuthathwe ekulandeleni uKyle Idleman ku "Not A Fan," uyamenywa ukuthi uthole isiphetho sakho, ngoba yilapho kuphela ongamukela khona izindlela zikaJesu zangaphakathi.

More

Sithanda ukubonga uKyle Idleman no David C Cook ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.dccpromo.com/the_end_of_me/