Hlukana Nomona Ngohlelo lokufunda lwezinsuku eziyisithupha luka-Anna LightIsampula

Break Free From Envy a Six-Day Reading Plan by Anna Light

USUKU 4 KWEZINGU- 6

Usuku 4- Umona Ngaphandle

Njengoba ngishilo ngosuku lokuqala, umonakalo womona uhamba ngezindlela ezimbili. Siyalwazi uhlobo lomonakalo olungawenza uma uvela ezinhliziyweni zethu. Kodwa kuthiwani ngomonakalo owenzayo uma umona uza uvela komunye umuntu?

Usiko lwethu lwenkundla yezokuxhumana luyisizinda somona. Uma unganakile, futhi uma ungayigadi inhliziyo yakho lapho uphenya izimpilo zabanye abantu, uzifaka engozini yokungena ekwanelisekeni ngempilo yakho. Ucwaningo lubonise umuntu oyedwa kwabathathu uzizwa emubi kakhulu ngemva kokuba sezinkundleni zokuxhumana, futhi lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi entsheni eneminyaka engu-12-18. Yingakho ngicabanga ukuthi: 

Ukubona abantu benempilo ebonakala ijabulisa ngaphezu kokwethu—impumelelo yabo, amakhono, nezinto abanazo—kungabangela ukusabela komona, okungenza abantu abanomuzwa walowo mona babelane ngezinto ezenza impilo yabo kubonakala kukuhle kakhulu kunalokho okuyikho ngempela, ngaleyo ndlela kudala umjikelezo ononya.

Qaphela ukuthi wabelana nobani ngezibusiso zakho. Ngiyayithanda indlela uJohn Eldredge akuchaza ngayo lokhu: “Akukhona ukuthi abanye abanomona ngawe basuke bekufisela okubi, kodwa umona uvula umnyango kulowo okufiselayo okubi.”

Siphila empini yomoya futhi isitha sethu sizosebenzisa noma yiziphi izindlela ezidingekayo ukuze sisibhubhise, ngisho nokusisebenzisa ngokumelena sodwa uma singazi. Imizwa yakho yomona ngothile ingalimaza izinhliziyo zabo, njengoba nje umona wabanye ngawe ungalimaza inhliziyo nomoya wakho.

Sonke besikuzo zombili izinhlangothi, mhlawumbe ngaphandle kokuqaphela. Sibhekane nomona oqeda amandla kwa banye futhi sithole umona oyingozi ovela kwabanye. Kunezindlela ezimbalwa zokusho uma uhlangabezana nomoya womona oza kuwe. Umona ungazwakala ekushintshaneni okuyisisekelo samandla ekuhlanganeni nalapho usebenzisana nabanye abantu. Kungumoya odedelwa lapho sivumela imicabango emibi, yobugovu: “Akulungile.” "Bacabanga ukuthi bangobani?" “Kungani kuhlezi kuyibo ababusiswayo?” “Kungani lokho kungenzeki kimi?”

Sonke sike sahlangabezana naleyo micabango, kodwa ingabe uke wacabanga ukuthi abanye babe naleyo micabango ngawe?

Wazi kanjani uma uhlaselwa umoya womona? Nazi ezinye izimpawu ezimbalwa:

1. Ingabe uke wabhekana nenjabulo enciphayo yezibusiso zikaNkulunkulu empilweni yakho? Umona uyisela nombhubhisi. Uma lomoya usebenza empilweni yakho ungantshontsha injabulo ehloselwe wena ukuba uyizwe.

2. Ingabe uke wabhekana nokulahlekelwa intshisekelo ezintweni obukade uzijabulela noma ezindaweni lapho ophiwe khona?

Ngiyakuthanda ukubhala. Ngazalwa nginesiphiwo nothando lwamagama kodwa njengoba ngizama ukwabelana ngemibhalo yami ngizithole ngiphelelwa uthando, ngicasuke, futhi ngifuna ukuyeka. Kungenzeka yini ukuthi njengoba ngihlanganyele isipho sami, umoya womona untshontshe isifiso sami sokwenza into engilethela injabulo?

Kuthiwani ngawe? Iyiphi into othanda ukuyenza? Into ozizwa ubizwe ngokukhethekile futhi unesiphiwo ngayo uNkulunkulu ukuba uyenze? Ingabe ulahlekelwe uthando kuyo? Ingabe ukholiwe amanga okungafanele ukwabelana ngawo, ukushisekela, noma ukukwenza ukuze ujabule? Angibagxeki abantu abanomona. Sonke siyakwenza. Ngilahla usathane uqobo lwakhe ozosebenzisa imizwa yabanye abantu ukuvula umnyango wokuba umoya womona udale umonakalo emaphusheni ethu, izifiso kanye nobizo lwethu.

Sondla ngamandla omunye nomunye. Ezikhathini eziningi ukungabaza obhekana nakho kungamandla amabi wokwesabisa kwabanye abantu ngamakhono akho. Ngakho, umoya wokuncipha, ozalwa umona, uyabonakala enhliziyweni yakho ekubambeni. Isikhathi sokuthi siqaphele indlela isitha esisisebenzisa ngayo ngokumelena sodwa ukuze sinciphise ithonya lethu.

Ukuze siphulukise futhi sivikele izinhliziyo zethu emoneni wabanye singathandazela ukuthi uthando lukaKristu lungene phakathi kwethu nanoma ubani esingase sihlangane naye. Uthando Lwakhe kuphela oluthambisa umona. Bonisa uthando kulabo ohlangana nabo futhi nomoya womona ngeke ukwazi ukungena emphefumulweni wakho.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Break Free From Envy a Six-Day Reading Plan by Anna Light

Manje, kunangaphambili, sibhekene nempilo yawo wonke umuntu njengoba efuna kubonakale, futhi ukuqhathaniswa nempilo yethu siqu kuvusa umona. Awufuni ukuthi lo moya ukhule kuwe, kodwa kuthiwani ngomonakalo obangelwa umona lapho uqhamuka komunye umuntu? Kulolu hlelo lokufunda, uzothola ukuthi ungawunqoba kanjani umona, uvikele inhliziyo yakho, uhambe ngokukhululeka.

More

Sithanda ukubonga U Anna Light (LiveLaughLight) ngikusipha loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.livelaughlight.com