Injabulo Ngaphezu Kwengcindezi: Indlela Yokwenza Injabulo Ibe Umkhuba Wansuku ZonkeIsampula

Joy Over Stress: How To Make Daily Joy A Habit

USUKU 2 KWEZINGU- 6

Ukukhetha kwansuku Zonke Ngenjabulo

Ucwaningo olwenziwe ngu-Shawn Achor no-Arianna Huffington luthole ukuthi ukulalela imizuzu emithathu nje yezindaba ezimbi ekuseni kungakwenza ube namathuba angu-27% okubika ukuba nosuku olubi emahoreni ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili kamuva.

Uma lolu cwaningo lufakazela okuthile, ukuthi kulula kakhulu ukuzwa ingcindezi emphakathini wanamuhla.

Ngobuningi bezingcindezi namuhla, ukungenzi lutho ukulwa nokucindezeleka kwethu empeleni kuwukukhetha koku cindezeleka. 

Ngenxa yokuthi ukucindezeleka kutholakala kalula namuhla, kumele senze injabulo ibe isiyalo. 

Ukubeka igama elithi “injabulo” nelithi “isiyalo” ndawonye emushweni owodwa akuwenzi umqondo ekuqaleni. Igama elilodwa lizwakala ligqamile futhi lijabulisa kuyilapho elinye lizwakala lidabukisa. Kuhlangana kanjani kokubili?

Into eyodwa engiyifundile ngenkathi ngifunda injabulo ukuthi injabulo akuyona into esivele sibe nayo. Kufanele ihlakulelwe (yingakho kufuneka, isiyalo). 

KuJohane 15:11, lapho uJesu ekhuluma nabafundi, Wenza umehluko. Uthi, “injabulo yami” kanye “nenjabulo yakho.” Ufuna injabulo Yakhe ibe kubafundi Bakhe, futhi ufuna ukuba injabulo yabafundi igcwale.

Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi, injabulo yethu ihlukile kunenjabulo kaJesu. Ujesu unenjabulo ephelele, futhi ufuna injabulo yethu igcwale njengeyaKhe. 

Amakholwa amaningi angase acabange ukuthi ngokuzenzakalelayo ukuthola injabulo ephelele uma esengumKristu. Kodwa-ke uma kwenzeka into embi, babhekana nokuphazamiseka kwengqondo.

Ngabe kwakungafanele babe nenjabulo ezivivinyweni zabo? Yini engekho?

KuJohane, sibona uJesu elokhu ephoqa abafundi ukuthi babe nenjabulo egcwele njengaye (NgokukaJohane 16:24). Sibona ngisho uJesu ethandaza kuNkulunkulu ukuthi injabulo Yakhe igcwaliseke kubafundi (NgokukaJohane 17:13). 

Injabulo ayizenzekeli. Kuyisiyalo, ukukhetha kwansuku zonke okumele sikwenze. 

Lokhu kubalulekile ukukuqonda, ikakhulukazi njengoba ingcindezi siyithola kalula namuhla. NjengamaKristu, kudingeka silwele ukugcwala kwenjabulo uJesu afuna sibe nayo.

Injabulo ayiphelele ngaphandle kukaJesu. Njengoba ubhekene nezingcindezi zanamuhla, thandaza kuNkulunkulu ukuba akhulise amandla akho enjabulo ezweni elicindezelayo. Khona-ke kusasa, ngizokukhombisa ukuthi ungayilwela kanjani injabulo kaJesu ngaphansi kokucindezeleka kwansuku zonke.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Joy Over Stress: How To Make Daily Joy A Habit

Sicindezelekile. Isiko lisitshela ukuthi silwe nokucindezeleka kwethu ngokujaha umzuzu wenjabulo olandelayo. Kodwa iBhayibheli lisinikeza isithombe esehlukile. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokukhombisa ukuthi ungalwa kanjani nokucindezeleka kwakho kwansuku zonke ngokwenza umkhuba ngenjabulo yeBhayibheli.

More

Sithanda ukubonga uNeal Samudre ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwane, sicela uvakashele: https://nealsamudre.com/overstress