Isimilo sikaNkulunkulu - KonnectIsampula

Godly Character - Konnect

USUKU 8 KWEZINGU- 8

Isimilo sokuhlonipha uNkulunkulu siwukubonga.

Sifunda ngesimilo sokuhlonipha uNkulunkulu—futhi isimilo sokuhlonipha uNkulunkulu sinokubonga, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Enye indlela yokubonisa ukubonga kuNkulunkulu iwukucula nokusho izinto ezinhle kuye. Kunzima ukuzizwa unomhobholo, unomona, noma ukhala lapho ucula noma ukhuluma amazwi okubonga! Noma nini lapho ulingeka ukuba ukhononde noma ukhalaze, cula iculo futhi ukhulume noNkulunkulu ukuze akhumbuze inhliziyo yakho ngakho konke okufanele umbonge ngakho.

Dlala Isikhathi Somshumayeli ukuze sikusize ukhumbule 1 KwabaseThesalonika 5:18, futhi ubukele ividiyo ye-Verse Motions ukuze wabelane ngayo nabangani bakho!

 

Isikhathi Somshumayeli

  1. Funda 1 KwabaseThesalonika 5:18 ngokuzwakalayo emndenini wakho noma kubangani bakho.
  2. Zenze sengathi ungumshumayeli! Fundisa umndeni wakho nabangane ukuthi leli vesi lisho ukuthini kanye nakho konke abangakubonga ngakho.
  3. Vumela umuntu ngamunye emndenini wakho azame ukusho leli vesi ngokuzwakalayo ngaphandle kosizo.
  4. Nikeza umklomelo kumuntu wokuqala ongakusho.

 

Tshela Othile:Iziphi ezinye zezinto ONGAHLALE uzibonge, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani?

Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Godly Character - Konnect

Ungumuntu onjani ngaphakathi? Landela uJesu futhi uvumele uMoya oNgcwele kaNkulunkulu ukuguqule. Vumela isimilo sakho sikhanyise othandweni lukaNkulunkulu, ukuze abanye babone ukuthi uJesu unjani! Kubazali: Ingane yakho iyoba nokuqonda okujulile kokufundwa nemibuzo yosuku ngalunye uma uqedela lolu hlelo nabo. Lolu hlelo luhlanganisa imidlalo embalwa okufanele idlalwe ukukhumbula ivesi. Ungase ufune ukugada ukusetshenziswa kwezinto.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngemininingwane eminingi, sicela uvakashele: www.life.church