Ubaba Uyakuthanda Ngu-Pete BriscoeIsampula

The Father Loves You By Pete Briscoe

USUKU 6 KWEZINGU- 16

Usuku 6

Injabulo Ingeyakhe

Ukuzazi kwami okujulile ukuthi ngithandwa ngokujulile nguJesu Kristu futhi angenzanga lutho ukuze ngikuzuze noma kungifanele. — Brennan Manning, Ivangeli le-Ragamuffin

Mhlawumbe kwakungenxa yobuciko, mhlawumbe ngezintshumayelo ezivuthayo, ezithukuthele… Angazi ukuthi kuphi ngempela, kodwa endaweni ethile abaningi bethu babe nombono wokuthi uNkulunkulu uBaba uthukuthele— futhi Uhlezi ezulwini phezu kwefu… egcina amaphuzu… ngaso sonke isikhathi. Unohlu lwamagunya nemithetho esandleni esisodwa kanye nombani kwesinye. Ulinde nje ukuthi wenze iphutha. Futhi lapho ulenza? Kapow!

Ingabe lokho kunembile?

Nakancane. Bheka ukuthi uNkulunkulu wamtshelani uMose lapho ecela ukuba khona kukaNkulunkulu:

“Ngizokwenza lokho okucelile ngoba ngithokozile ngawe…” (Eksodusi 33:17)

Unkulunkulu uyathokoza ngathi.

Unkulunkulu watshela uMose ukuthi wayeyoba phakathi kwabo ngoba wayejabule ngaye. Manje ungase uthi, “Yebo, lokho kungoba uMose. Angisiye uMose." Umose kufanele abe yilomholi omkhulu owesaba uNkulunkulu, akunjalo? Nokho, kufanele abe njalo, kodwa akunjalo. Uyazi ukuthi kwenzekani ngaphambi kwalesi siqephu? Abalandeli bakaMose bakha inkomo enkulu yegolide futhi bakhulekela yona esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma uMose kwakufanele abe umholi othile omkhulu, akufanele yini abalandeli bakhe bathande, mhlawumbe, balandele? Kodwa eqinisweni, abantu bakhe babeyizinxushunxushu… njengathi, njengoba nawekunjalo. Kodwa noma kunjalo, uNkulunkulu uyasijabulela, naphezu kokungenzi kahle.

Nkosi, kunzima ukuqonda ukuthi nakuba isintu siphukile, Usasithanda—ngisho nasezikhathini ezimbi kakhulu. Ngiyabonga ngokuthola injabulo kimi kuKristu lapho izwe libona ukwehluleka kuphela! Ameni.

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

The Father Loves You By Pete Briscoe

Safundiswa kusukela ekuqaleni ukuthi uNkulunkulu unguBaba wethu futhi singabantwana Bakhe. Kodwa ukuhlobana noNkulunkulu njengoBaba akulula ngaso sonke isikhathi—ikakhulukazi uma obaba bethu basemhlabeni bezabalaza ukukhombisa uthando ebesilulangazelela. Kulolu cwaningo lwezinsuku ezingu-16, uPete Briscoe udonsela ukunaka kwethu kuNkulunkulu owenelisa konke ukulangazelela kwethu uthando—egqamisa indlela umBhalo uwembula ngayo ukuthi unguBaba wethu olungileyo nophelele.

More

Sithanda ukubonga U-Pete Briscoe ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, vakashela: http://petebriscoe.org/