Nkulunkulu, Ukuphi?! No-John BevereIsampula

God, Where Are You?! With John Bevere

USUKU 2 KWEZINGU- 7

Ukukhula Kwezinhlungu

Impilo yobuKristu inokufana okuthile nendlela umntwana akhula ngayo. 

Ngesikhathi ngingena ehlane likamoya lokuqala, nganginjengosana olungokomoya. Ngaleso sikhathi nganginesibonelo esihle kakhulu semvelo phambi kwami—indodana yami u-Addison, owayecishe abe nezinyanga eziyishumi nesishiyagalombili ubudala. 

Ulisa wayengumama oqotho, ngakho lapho u-Addison ekhala, wayekhona ukuze amnakekele. Ngokuphazima kweso uzobe esemgonile, ejabulela ukondliwa nokunethezeka njengoba ebencela ibele. 

Kodwa-ke u-Addison, njengoba kwenza yonke ingane, kwakudingeka akhule afinyelele ekubeni mdala. Nabo bonke abafana bethu—sinabane—kwafika isikhathi lapho bedinga ukuzondla. O hhe, yeka isiphithiphithi—nginesiqiniseko sokuthi uyazi ukuthi ngiqonde ukuthini! Bazama ukuzidlela, futhi ingxenye yokudla igcwala isihlalo esiphezulu naphansi. 

Phakathi nalesi sikhathi, izingane zikhathazwa ngabazali bazo ngenxa yokuthi abasafunzwa njengakudala. Bayakhonona futhi bayakhala njengoba uzama ukuba umzali oqotho. Lapho amadodana ethu esakaza ukudla, sasifuna ukugxuma futhi singenelele, kodwa sasazi ukuthi kwakuzophazamisa ukukhula kwabo. Besivumela abafana bethu ukuthi bakhule. Impela besingafuni ukuthi sigcine sifunza omunye wabo ngesipuni esemdala. 

Njengoba izingane zikhula, izinga losizo ezilutholayo liyashintsha ukuze likhuthaze ukukhula nokuthuthuka. Unkulunkulu wenza okufanayo ngathi, ukuze sikhule futhi sivuthwe ngokomoya. Lapho sisanda kuzalwa futhi sigcwaliswa ngoMoya Wakhe, isikhathi esithile uyazibonakalisa kukho konke ukukhala kwethu. Kodwa-ke emva kokudlula kwesikhathi—futhi ngethemba ukuthi sidlulela ngale kokufuna ubisi nje (KumaHeberu 5:12)—ukuze asisize sikhule futhi sivuthwe, Uyasivumela ukuba sidlule ezikhathini lapho engaphenduli ngaso leso sikhathi lapho simbiza.

Lapho iNkosi ingisiza ukuba ngiqonde ukuthi ukukhula ekuvuthweni kukamoya kwakuyinqubo wonke umuntu okufanele ahlangabezane nayo kusukela ebuntwaneni kuya ekubeni umuntu omdala, ngacabanga kakhulu futhi ngazibuza, Ngabe nginephutha? Ingabe lokhu engidlula kukho akulona uhlobo oluthile lwesijeziso esivela eNkosini? Kungenzeka yini ukuthi ngiholelwe ehlane ukuze ngifunde okuthile—ukukhula ngandlela thize okuzongenza ngikuhlomele kangcono ukulandela nokukhonza uJesu?

Iqiniso liwukuthi, awuhambi nje enkathini yasehlane; uyakhula ngakho. 

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

God, Where Are You?! With John Bevere

Ingabe uzizwa ulahlekile ngesikhathi sobunzima, uyazibuza, “NKULUNKULU, UKUPHI?!” Kulolu hlelo oluvula amehlo, umbhali othengisa kakhulu uJohn Bevere ukuhlomisa ngemininingwane ebalulekile yebhayibheli nezindaba ezijulile ezizokusiza ukuthi uhlole izinkathi zakho zonyaka ezomile noma ezinzima futhi ungene kukho konke uNkulunkulu akuhlelele khona.

More

Sithanda ukubonga uJohn no Lisa Bevere (Messenger Int'l) ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://godwhereareyoubook.com