Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
INkosi Ngaphezu Kwamakhosi
Amahubo 72 aqala ngeNkosi uDavide etthandazela indodana yakhe, uSolomoni, ukuthi abe inkosi enkulu kuIsrayeli. Uma liqhubeka ihubo, uDavid uqala ephupha nheNkosi enhle, ephrofetha ngombuso owawuyakuba ngokaJesu. Ngaphezu kweminyaka engu 950 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, uDavide wabona ukubusa okungapheli kweNkosi Yamakhosi. LeNkosi yayizokwaziwa ngozwelo lwayo nokusindisa Kwayo abaswele nabakhathazekile. Wayeyohlula ingcindezelo nodlame, futhi kwakuzoba sobala ukuthi abantu Bakhe babeyigugu Kuye. Ngalezi zizathu, uDavide wamemezela ukuthi wonke amakhosi ayokhothama kuYe futhi zonke izizwe zizomkhonza.
UDavid wabona ukuthi ububele obujulile nokunakekela abantu bakaNkulunkulu, kanye nokulwa nokuhlula ingcindezelo unomphela, kwakuyizimpawu zeNkosi ephelele — leyo ukwahlulela kwayo ngokuziphatha nokungazinikeli kuyo kwakungeke kwehliswe. Ngaphezu kokuba yisikhathi uMsindisi angena ngaso emhlabeni, uKhisimusi wakhombisa ukuqala kwefa leNkosi enkulu kakhulu yaphakade. UJesu uzoqhubeka nokubusa isikhathi eside emuva kokudlula kwamakhosi nemibuso yaleli zwe, futhi sizophila ngaphansi kwesembozo sothando lwaKhe oluphelele ingunaphakade.
Umthandazo: Jesu, ngiyakuhlonipha njengeNkosi yempilo yami lapha emhlabeni naphakade! Angikwazi ukulinda ukuzwa ubumsulwa bobuholi Bakho njengoba ukuphuka kwalomhlaba kuqhubeka. Ngiyabonga ngokuza kwakho emhlabeni futhi uqale uhambo lwakho oluya esihlalweni sobukhosi phakathi kwethu. Ngiyabonga kakhulu ngokuthi uyangikhathalela futhi uzongimela njalo njengeNkosi yami. Ngiyakuthanda futhi ngiyazithoba ezindleleni zakho eziphelele.
Download-a isithombe sanamhlanje lapha.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More