Ukuza: Uhambo lukaKhisimusiIsampula
Ukushintshisana Okukhulu
UJesu weza emhlabeni ukusinika izipho zokwamukela, ukuthula, uphiliso, noxolelo, kodwa inani lalezizipho lalingelincane. Sasingenakho okwanele ukunika uJesu ngayekulethile, ngenhlanhla, akulindelwe kithi. Uyasamukela manje uNkulunkulu, hhayi ngoba siziphethe kahle, kodwa ngoba uJesu owakhokhela ukuphila kwethu ngokulahlwa ngenxa yethu. UJesu wakhetha ukufela izono zethu nokusemboza, wanqoba ukufa, wasilethela impilo. Umphrofethi uIsaya wabiza izono zethu “ngeziphambeko” “nobubi” - okungamacala ethu nokonakala kwethu. Lezozono zenza kwaba khona isikweleku esasingeke sisikhokhe, kodwa uJesu, ekupheleleni kwaKhe, wakwazi. Ngoba uJesu wakhetha ukuzalelwa emhlabeni lapho ayeyakuhleshulwa achobozwe khona, waletha ukuthula nokuphilisa.
Isiphrofetho esikuIsaya 53 siveza ukushintshisana kukaNkulunkulu okukhulu: Impilo kaJesu endaweni yeyethu. UJesu wayelazi inani likaKhisimusi, futhi walamukela yikhona sozomamukela nokuphila okuphakade asithengela khona. Usagubha lesisikhathi, ungakhohlwa: Singaxolelwa, siphiliswesikhululwe ngenxa kaJesu ukuthi wakhetha uKhisimusi.
Umthandazo: Jesu, angazi ngingakubonga kanjani ngokungikhokhela inkokhelo eyamboza isikweletu sami. Ngabe ngilahlekile ngaphandle kwaKho. Ngiyakudumisa ngengoKuthula kwami, Usizo lwami, noMsindisi wami! Ngiyabonga ngokukhetha uKhisimusi. Ngisize ukwamukela konke onginika kona, ungisize ngabelane nalezozipho nabo bonke abaseduze kwami.
Download-a isithombe sanamuhlalapha.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
More